Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:29 - IsiZulu 2020

29 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza okupheleleyo, abanjalo-ke nibahloniphe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngentokozo yonke; futhi nibahloniphe abanjalo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngentokozo yonke; futhi nibahloniphe abanjalo.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:29
21 Referans Kwoze  

Amalunga aphathe kahle, afanele ukuba atuswe ngokuphindwe kabili, ikakhulu lawo akhuthalela ukushumayela nokufundisa.


Manje siyanincenga, bazalwane, ukuba nibazise abazikhandlayo phakathi kwenu, benihola eNkosini, futhi beneluleka.


Ngokuba bawuvuselele umoya wami nowenu, ngakho-ke basizeni abantu abanjalo.


ukuba nimamukele eNkosini njengokufanele abangcwele, nimsize kukho konke angahle akudinge kini, ngokuba ulusizo impela kwabaningi, ngisho nakimi imbala.


Ngokuba akusiye lowo ozincomayo okufanele amukelwe, kodwa yilowo iNkosi emncomayo.


Uma uThimothewu efika lapho, anoqikelela ukuba ahlale nani engenalo uvalo, ngokuba naye usebenza umsebenzi weNkosi njengami,


Ngakho-ke mhla ngafika lapho, ngiyakumkhumbuza imisebenzi yakhe ayenzayo, namazwi amabi esihleba. Kagcini nje ngokwenqaba ukwamukela abazalwane, kodwa udukisa nalabo abafisa ukwenzenjalo, abaxoshe ngisho nasebandleni.


Lalelani abaniholayo, nibathobele, ngokuba balinda imiphefumulo yenu, futhi bayakuphendula ngayo, ukuze bakwenze lokhu ngokujabula bengakhonondi, ngokuba lokhu akunakunisiza.


Uyakhonza kini u-Aristarkhu oyisiboshwa kanye nami, noMakhu umzala kaBharnabha, enatshelwa ngaye. Uma efika kini, mamukeleni,


Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu, asonanga muntu, asonakalisanga muntu, futhi asidlalanga ngamuntu.


Bayakushumayela kanjani uma bengathunywa na? Njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Yeka, zinhle kangakanani izinyawo zabashumayela izindaba ezinhle.”


Basihlonipha kakhulu impela, kwathi mhla sihamba ngomkhumbi, basipha esikudingayo.


Kwakukhona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.


Imihla ngemihla bazinikela nganhliziyonye ethempelini, ekuhlephuleni isinkwa emakhaya, badla ukudla kwabo ngentokozo nangenhliziyo emsulwa,


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: owamukela noma ngubani engimthumileyo, wamukela Mina; owamukela Mina, wamukela ongithumileyo.”


Bonke abangayukunamukela, anothi uma senisuka kulowo muzi, nithintithe uthuli ezinyaweni zenu, ukuze kube ngubufakazi obumelene nabo.”


Zinhle kangakanani ezintabeni, izinyawo zomemezela ukuthula, noletha izindaba ezinhle; ezwakalise ukusindiswa, oshoyo kulo iZiyoni, ukuthi: “UNkulunkulu wakho uyabusa.”


Ngakho-ke ngizimisele kakhulu ukuba ngimthumele kini, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, nakimi lunciphe usizi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite