Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:25 - IsiZulu 2020

25 Kepha ngibone kudingekile ukuba ngithumele u-Ephafrodithu, umzalwane, isisebenzi nebutho kanye nami, isithunywa senu, nesikhonzi ekwesweleni kwami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Nokho ngibone kudingekile ukuba ngithume kini u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi kanye nesosha kanye nami, nesithunywa senu nesisebenzi ekusweleni kwami.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:25
19 Referans Kwoze  

Kepha nginakho konke ngokwevile, impela nganelisiwe ngengikwamukeliswe ngu-Ephafrodithu obekuvela kini; kuliphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu.


njengalokhu nafunda ku-Ephafra othandekayo, oyinceku kanye nathi, isikhonzi esethembekileyo sikaKhristu ngenxa yenu;


Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila.


Ngokuba thina siyizisebenzi nje zikaNkulunkulu ezibambisene naye, nina niyinsimu yakhe, niyisakhiwo sikaNkulunkulu.


kanjalo noMakhu, u-Aristakhusi, uDema noLuka, esibambisene nabo emsebenzini.


Njengokubanda kweqhwa ngosuku lokuvuna, sinjalo isithunywa esithembekileyo kosithumileyo, ngokuba sivuselela ukuphila kumniniso.


Ngakho-ke bazalwane abangcwele enihlanganyela obizweni lwasezulwini, bhekisisani umPhostoli nomPhristi omkhulu wesivumo sethu, uJesu,


Sathumela uThimothewu umzalwane wethu, isikhonzi sikaNkulunkulu kanye nathi evangelini likaKhristu, ukuba aniqinise, anikhuthaze ekukholweni kwenu,


noJesu okuthiwa nguJustu. Yibo bodwa abangabasokileyo, abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, bayinduduzo kimi.


nokho angibanga nakho ukuthula emoyeni wami lapho ngingamfumani uThithu umzalwane wami, kodwa ngavalelisa, ngadlulela eMakhedoniya.


Njengalokho wangithumela emhlabeni, nami ngibathumela emhlabeni.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isisebenzi kasingaphezulu komqashi waso, nothunyiweyo akangaphezulu komthumileyo.


Khonzani kuPhriska no-Akhwila, izisebenzi, kanye nami kuKhristu uJesu,


Nikhonze ku-Urbhanu, isisebenzi kanye nathi kuKhristu, nakuStakuwami othandekayo.


Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite