Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 2:20 - IsiZulu 2020

20 Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Ngokuba anginamuntu ofana naye, oyakunakekela ngokwemvelo indaba yenu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngokuba anginamuntu ofana naye, oyakunakekela ngokwemvelo indaba yenu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 2:20
16 Referans Kwoze  

gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe namqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, nicabanga into yinye.


Kepha niyakwazi ukwethembeka kwakhe ukuthi ukubonakalisile ngokusebenza nami, njengendodana isebenza noyise ngenxa yevangeli.


Uma uThimothewu efika lapho, anoqikelela ukuba ahlale nani engenalo uvalo, ngokuba naye usebenza umsebenzi weNkosi njengami,


Lokho wakusho, hhayi ngokuba ekhathalela abampofu, kodwa ngokuba eyisela futhi ephatha isikhwama semali, ayebuye ebe okufakwa kuso.


ngokuba ungoqashiweyo, akanandaba nezimvu.


UJonathani noDavide benza isivumelwano, ngokuba uJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


Lokho kungikhumbuza ukukholwa kwakho okungenakho ukuzenzisa, okwaqala kugogo wakho uLuwisi nakunyoko uYunisi, futhi nginesiqiniseko sokuthi kukhona nakuwe.


kuThimothewu, umntanami isiminya okholweni: makube kuwe umusa, ububele nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu iNkosi yethu.


noJesu okuthiwa nguJustu. Yibo bodwa abangabasokileyo, abasebenzela umbuso kaNkulunkulu kanye nami, bayinduduzo kimi.


“Baningi abesifazane abakhutheleyo, kepha wena ubedlula bonke.”


Kepha nguwe ntanga yethu, mhlobo wami nomngani wami.


Kwathi eseqedile ukukhuluma noSawule, inhliziyo kaJonathani yanamathela enhliziyweni kaDavide. UJonathani wamthanda njengoba ezithanda yena.


Sengathi uNkulunkulu wokubekezela nokugqugquzeleka anganipha nibe nakuqonda kunye phakathi kwenu maqondana nokukaKhristu uJesu,


Uma ubayala abazalwane ngalokhu, uyakuba yisikhonzi esihle sikaKhristu uJesu, wondliwe ngamazwi okukholwa nemfundiso enhle oyilandelayo.


Kodwa wena walandela ngokucophelela imfundiso yami, ukuziphatha, umgomo, ukukholwa, ukubekezela, uthando, ukuhlupheka,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite