Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 1:8 - IsiZulu 2020

8 UNkulunkulu ungufakazi wami ukuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngenxa yesihe sikaJesu Khristu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngoba uNkulunkulu ungumfakazi wami wokuthi ngililangazelela kangakanani lonke ngenhliziyo kaJesu Kristu.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 1:8
24 Referans Kwoze  

Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo nengibalangazelela kakhulu, ntokozo yami nomqhele wami, yimani nigxile eNkosini, bathandwa.


Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonzayo ngenhliziyo yami yonke ngokulishumayela ivangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami, ukuthi nginikhumbula njalo


ngilangazelela ukukubona; ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo.


Kanjalo njengoba besinilangazelela, sakuthokozela ukwedlulisela kini, hhayi nje ivangeli likaNkulunkulu kuphela, kodwa ngisho thina uqobo, ngokuba nase ningabathandekayo kithi.


Ngikhuluma iqiniso ngikuKhristu, angiqambi manga, unembeza wami ufakazelana nami kuMoya oNgcwele,


Ngimthumele kuwe, yena oyinhliziyo yami,


Ngabe u-Efrayimi uyindodana yami ethandekayo na? Ngabe uyingane engithokoza ngayo na? Nakuba ngivame ukukhuluma kabi ngaye, nokho ngisamkhumbula. Ngakho-ke izibilini zami ziyamhawukela; ngiyakuba nesihe impela kuye,” kusho uSimakade.


Ngiyathanda ukuba nazi ukuthi nginikhandlekela kakhulu kangakanani nina nabaseLawodikheya nabo bonke abangakaze bangibone ngamehlo,


Bantwana bami, enginezinseka ngani, uKhristu aze abunjwe kini;


Manje-ke, izinto enginilobela zona, phambi kukaNkulunkulu, azisiwona amanga.


Inhliziyo yakhe inilangazelela kakhulu uma ekhumbula ukulalela kwenu nonke nokuthi namemukela kanjani ngokwesaba nangokuthuthumela.


asinigodleli uthando lwethu, kodwa anisivulelanga ingaphakathi lenu,


ngemisesane yesihawu sikaNkulunkulu wethu esihanjelwe ngakho ukukhanya okuvela phezulu,


Bheka usezulwini, ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho: kuphi ukushisekela kwakho, nemisebenzi yakho yamandla na? Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.


Ngakho-ke ingaphakathi lami likhala njengehabhu ngoMowabi, nomphefumulo wami, ngeKhiri Heresi.


Kepha uma umuntu enengcebo yezwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, angamenzeli sihawu, uthando lukaNkulunkulu lungahlala kanjani kuye na?


Yebo, mfowethu, sengathi ngingakufumana lokhu kuwe eNkosini. Hlumelela inhliziyo yami kuKhristu.


Ngokuba asizange sibe namazwi okuthopha, njengokuba nazi, futhi asikaze sibe nobuqili bobugovu; uNkulunkulu ungufakazi.


Ngakho-ke njengabakhethiweyo bakaNkulunkulu, abangcwele nabathandekayo, yembathani ububele enhliziyweni; isisa, ukuzithoba, ubumnene, nokuqinisela ekuhluphekeni;


Lokhu ulangazelela ukunibona nonke, ukhathazekile ngenxa yokuba nizwile ukuthi ubegula.


Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKhristu, uma kukhona ukududuzeka ngothando, uma kukhona inhlanganyelo kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu,


Ngokuba siyajabula lapho sibuthakathaka, nina ninamandla, yilokhu esikukhulekelayo, ukuba nipheleliswe.


Ngisho manje, ufakazi wami usezulwini, ummeli wami usezindaweni eziphakemeyo.


Ngokuba nonke ningabantwana bakaNkulunkulu ngokukholwa kuJesu Khristu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite