Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 1:7 - IsiZulu 2020

7 Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 njengokuba kufanele ukuba ngikucabangele lokhu nonke, ngokuba nginenu enhliziyweni yami; njengoba naseziboshweni zami, nasekuvikeleni nasekuqiniseni ivangeli, nina nonke ningabahlanganyeli bomusa wami.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 1:7
34 Referans Kwoze  

Lokhu angikusho ukuze nginilahle, njengalokhu nganitshela naphambilini ukuthi nisezinhliziyweni zethu; ukuba sife nani, siphile nani.


ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela ngosuku lokuqala kuze kube manje.


engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Lo mkhonzo ngiwubhale ngesandla sami, mina Pawula. Khumbulani izibopho zami. Umusa mawube nani.


Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami.


engiyinxusa lalo eliboshwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.


Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.


ngaphandle kokuthi uMoya oNgcwele uyangazisa ukuthi kulowo nalowo muzi ngilindelwe ukuboshwa nezinhlupheko.


Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni, sangena ekuphileni, ngokuba siyabathanda abazalwane; ongabathandiyo uhlezi ekufeni.


Ngibona kufanele, inqobo nje uma ngisaphila kuleli dokodo, ukuba nginivuselele ngokunikhumbuza,


Kepha thokozani njengalokhu nihlanganyela ezinhluphekweni zikaKhristu, ukuze futhi nithokoze, nethabe nasekwambulweni kwenkazimulo yakhe.


Ngakho-ke bazalwane abangcwele enihlanganyela obizweni lwasezulwini, bhekisisani umPhostoli nomPhristi omkhulu wesivumo sethu, uJesu,


Ngakho-ke ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu, nangami engiyisiboshwa sayo, futhi hlanganyela nami ekulihluphekeleni ivangeli ngamandla kaNkulunkulu.


ngokuba nina nonke ningabantwana bokukhanya, nabantwana bemini; asisibo abobusuku noma abobumnyama.


Nisikhulekele nathi ukuba uNkulunkulu asivulele umnyango wezwi ukuba sishumayele imfihlakalo kaKhristu engiboshwe ngenxa yayo,


Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


KuKhristu ukusoka nokungasoki akusho lutho, kodwa ukukholwa okuvezwa wuthando.


Nina niyincwadi yethu ebhalwe ezinhliziyweni zethu, eyaziwa futhi ifundwa ngabantu bonke.


lusibekela zonke izinto, lukholwa yizinto zonke, lubekezelela izinto zonke.


Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulo.


Yayisisondela induna yenkulungwane, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yayisibuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


Ngakho-ke ngiyawagqugquzela amalunga aphakathi kwenu, mina engiyilunga kanye nawo, nofakazi wezinhlupheko zikaKhristu, nomhlanganyeli enkazimulweni ezakwembulwa, ngithi:


Bazalwane, ngithanda ukuba nazi ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine sekuqhubekisela phambili ivangeli.


Kwaze kwabacacela bonke abasendaweni yokwahlulela nabo bonke abanye, ukuthi ukuboshwa kwami kungenxa kaKhristu.


Kanjalo-ke iningi labazalwane eNkosini laba neqholo ngokuboshwa kwami, lakulungela ukukhuluma izwi lingesabi.


Kepha niyakwazi ukwethembeka kwakhe ukuthi ukubonakalisile ngokusebenza nami, njengendodana isebenza noyise ngenxa yevangeli.


Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila.


Nina baseFiliphi niyazi ukuthi ekuqaleni kwevangeli, ngesikhathi ngiphuma eMakhedoniya, kwakungekho ngisho nelilodwa ibandla elahlanganyela nami maqondana nokupha nokwamukela, ngaphandle kwenu kuphela.


ebengifisa ukumgcina ahlale lapha ukuze angisize esikhundleni sakho, njengoba ngisaboshwe ngenxa yevangeli.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite