Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KwabaseFilipi 1:17 - IsiZulu 2020

17 Kepha labo abanye bashumayela uKhristu ngombango, kungengokwethembeka, bezitshela ukuthi bangangidalela uchuku ngisaboshiwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

17 Kepha abanye ngothando, besazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Kepha abanye ngothando, besazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli.

Gade chapit la Kopi




KwabaseFilipi 1:17
16 Referans Kwoze  

Ningenzi lutho ngombango nangokuziphakamisa okuyize, kodwa ngokuzithoba, nazise abanye ngokungathi bakhulu kunani.


Nakuba kufanele ukuba ngicabange kanjalo ngani nonke, ngokuba nisenhliziyweni yami nonke, lokhu nina nonke nihlanganyele nami emseni, ekuboshweni kwami, ekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli.


Ekuziphenduleleni kwami kokuqala, kwakungekho noyedwa owayengakimi, kodwa bonke bangihlamuka; sengathi lokho kungebalelwe kubo.


Ngamiselwa mina ukuba ngibe ngummemezeli nomphostoli walokho; ngikhuluma iqiniso, angisengi ezimithiyo; yebo, umfundisi wabezizwe ekukholweni naseqinisweni.


Kwathi esaziphendulela kanjalo, uFestu wathi ngezwi elikhulu: “Pawula, uyahlanya; ukufunda okuningi kuyakuhlanyisa.”


U-Agripha wayesethi kuPawula: “Uvumelekile ukuba uzikhulumele.” UPawula wayesephakamisa isandla sakhe, waziphendulela wathi:


“Madoda, bazalwane, nani bobaba, lalelani ukuziphendulela kwami phambi kwenu manje.”


Ngakho-ke kugcineni ezinhliziyweni zenu ukuze ningazindli ngokuthi niyakuziphendulela nithini,


Kepha kulabo okwathi ngenxa yokuzazi bona, abangalilalela iqiniso, kepha balalela ukungalungi, bayobhekana nolaka nentukuthelo.


Pho kunani na? UKhristu uyashunyayelwa ngezindlela zonke, kungaba ngokuzenzisa noma ngokweqiniso. Kukho konke lokho mina ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza.


engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite