Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KuThithu 3:6 - IsiZulu 2020

6 amthululela ngokwevileyo phezu kwethu, ngaye uJesu Khristu uMsindisi wethu,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 amthelayo kakhulu phezu kwethu ngaye uJesu Kristu uMsindisi wethu,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 eyasithululela phezu kwethu ngokuchichimayo ngoJesu Kristu uMsindisi wethu;

Gade chapit la Kopi




KuThithu 3:6
19 Referans Kwoze  

“Kuyakuthi kamuva ngithululele uMoya wami phezu kwabo bonke abantu. Amadodana namadodakazi enu ayakuphrofetha, abadala benu baphuphe amaphupho, izinsizwa zenu zibone imibono.


Ithemba alijabhisi, ngokuba uthando lukaNkulunkulu lutheliwe ezinhliziyweni zethu ngoMoya oNgcwele esimphiweyo.


Abasokileyo abakholwayo ababefike noPhethro bamangala kakhulu bebona ukuthi isipho sikaMoya oNgcwele sithululelwe naphezu kwabezizwe.


Ngiyakunifafaza ngamanzi acwebe cwe, nihlambuluke, nginihlambulule kukho konke ukungcola kwenu nakuzo zonke izithombe zenu.


Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokomileyo, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwabantwana bakho, nesibusiso sami phezu kwezizukulwane zakho;


Kepha Mina nginitshela iqiniso: kunifanele ukuba ngihambe, ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi ngeke eze kini, kodwa uma ngihamba, ngiyakumthumela kini.


Ngokuba ekugcwaleni kwakhe, sonke samukele umusa phezu komusa.


Buyani ngenxa yokusola kwami, lalelani, manginithululele okusemoyeni wami, nginazise amazwi ami.


KuThithu, umntanami, ngokweqiniso ekukholweni esikuhlanganyele sonke: makube kuwe umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKhristu uJesu uMsindisi wethu.


ngokuthobeka nobumnene, ngokubheka kade, nibekezelelane ngothando,


Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele, ngaphiwa lo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKhristu engaphenyekiyo.


Ngokuba umthetho kaMoya wokuphila okuKhristu uJesu ungikhululile emthethweni wesono nowokufa.


Ngakho-ke waphakanyiselwa ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esemukele kuYise isithembiso sikaMoya oNgcwele, ukuthululile lokhu enikubonayo nenikuzwayo.”


Kepha ngosuku lomkhosi lokugcina, uJesu wasukuma wamemeza, wathi: “Uma kukhona owomileyo, makeze kimi, aphuze.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukuba ubusazi isipho sikaNkulunkulu, nokuthi ngubani lo othi kuwe: ‘Ngiphuzise,’ ngabe ucele kuye, Yena ubezakukunika amanzi aphilayo.”


kuze kuthululelwe kithi uMoya ovela phezulu, ihlane liphenduke insimu yezithelo, nensimu yezithelo kuthiwe iyihlathi.


Kumbe uyayidelela yini ingcebo yobumnene bakhe, neyokubekezela, kungakukhanyeli ukuthi ubumnene bukaNkulunkulu bukuholela ekuphendukeni na?


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite