Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KuThithu 2:8 - IsiZulu 2020

8 ukhulume okuqotho okungasolekiyo, ukuze ahlazeke omelana nathi, angabi nalutho olubi angalusho ngathi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 ukhulume okuqondileyo okungasolekiyo, ukuze omelana nathi abe namahloni, engenalutho olubi angalukhuluma ngathi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Inkulumo ephilileyo engenakulahlwa; ukuze ophambeneyo abe namahloni, engenalutho olubi angalusho ngani.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Inkulumo ephilileyo engenakulahlwa; ukuze ophambeneyo abe namahloni, engenalutho olubi angalusho ngani.

Gade chapit la Kopi




KuThithu 2:8
15 Referans Kwoze  

Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


ngokuba injalo-ke intando kaNkulunkulu; ukuba ngokwenza okuhle, nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula.


Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu.


Uma kukhona umuntu ofundisa okwahlukileyo, ephikisana namazwi aqinisileyo eNkosi yethu uJesu Khristu nemfundiso enokwesaba uNkulunkulu;


Kepha uma kukhona ongalilaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni,


Ngase ngithi: “Le nto eniyenzayo yimbi. Beningehambe yini ngokumesaba uNkulunkulu wethu ukuze nigweme ukuhlanjalazwa ngabezizwe, abayizitha zethu na?


Lalelani izwi likaSimakade nina enithuthumela ngezwi lakhe. “Izihlobo zenu ezinizondayo, ezinivalela ngaphandle ngenxa yegama lami, zishilo zathi: ‘Makadunyiswe uSimakade, ukuze sibone intokozo yenu,’ kodwa zona ziyojabhiswa.


Ngakho-ke ngiyabayala abafelokazi abasebasha ukuba bagane, bazale izingane, banakekele indlu yabo, ukuze bangasiniki isitha ithuba lokuthuka.


Wathi ukuba asho lokho, bajabha bonke ababemelene naye, kepha isixuku sonke sathokoza ngenxa yemisebenzi yonke emangalisayo ayenzileyo.


UJesu embona ukuthi uphendule ngokuqonda, wathi kuye: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” Akubange kusabakhona onesibindi sokumbuza.


Isazimthetho sasesithi kuJesu: “Yebo, Mfundisi lokhu okushilo kuyiqiniso kokuthi yinye iNkosi nokuthi ayikho enye ngaphandle kwayo.


Kwase kusondela kuJesu omunye wezazimthetho owayebezwile bebuzana, wabona ukuthi uJesu ubaphendule kahle, wambuza, wathi: “Yimuphi umyalo wokuqala kuyo yonke na?”


UJesu wathi kubo: “Nikani uKhesari okukaKhesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Bamangala ngaye.


Abantu bakithi mabakukhuthalele ukwenza imisebenzi emihle ukuba basize lapho kuswelekile, ukuze bangabi ngabangenazithelo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite