Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KuThithu 1:10 - IsiZulu 2020

10 Ngokuba baningi abamelene neqiniso, abakhuluma okuyize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngokuba baningi abangalaleliyo abakhuluma ize, nabakhohlisayo, ikakhulu abokusoka,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngokuba baningi abangalaleliyo nabakhuluma okuyize nabakhohlisi, ikakhulukazi abokusoka;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngokuba baningi abangalaleliyo nabakhuluma okuyize nabakhohlisi, ikakhulukazi abokusoka;

Gade chapit la Kopi




KuThithu 1:10
29 Referans Kwoze  

Abanye baphaphalazile kulokho, baphambukela ekukhulumeni okuyize,


Bathandekayo, ningakholwa yibo bonke omoya, kodwa bahloleni omoya ukuthi ngabe bangabakaNkulunkulu yini. Ngokuba baningi abaphrofethi bamanga abaphumele ezweni.


Kukhona abazalwane mbumbulu abangena isinyenyela bezokuba yizinhloli zenkululeko esinayo kuKhristu uJesu, ukuze basenze izigqila.


ukuze singabe sisaba yizingane, siphonswa le nale ngamagagasi, sipheshulwa yinoma yimuphi umoya wemfundiso ngokukhohlisa kwabantu nangobuqili obunamacebo adukisayo.


Uma umuntu ethi uyakholwa, kodwa engabophi ulimi lwakhe kube sengathi ngetomu, kodwa ezikhohlisa enhliziyweni yakhe, ukukholwa kwalowo kuyize.


Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakudlebeleka ebubini, badukise, njengokuba bedukisiwe.


Kepha kuthe ukuba uPhethro enyukele eJerusalema, abasokileyo baphikisana naye,


“ ‘Kepha nginokumbalwa okungihluphayo ngawe, kukhona labo ababambelele emfundisweni kaBhalami owafundisa uBhalaki ukuba abeke isikhubekiso phambi kwabantu bakwa-Israyeli ukuba badle okuhlatshelwe izithombe nokuthi bafebe.


Kepha okuhle ngawe yilokhu ukuthi uyayizonda imisebenzi yamaNikholawu, engiyizondayo nami.


Bantwanyana, sekuyisikhathi sokugcina, njengalokhu nezwa ukuthi uyeza umphikukhristu; namanje-ke sekukhona abaphika uKhristu abaningi, ngalokho sesiyazi ukuthi sekuyisikhathi sokugcina.


Bayakufulathelisa izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni.


futhi bangazinaki izinganekwane nezindaba zolibo lwemindeni ezingapheliyo, ezidala impikiswano kunokuba ziqhakambise isimiso sikaNkulunkulu ngokukholwa.


Maye ziwula zamaGalathiya! Niluthwe ngubani nina enachazelwa ngoJesu Khristu ebethelwe esiphambanweni, kwaba sengathi nimbona ngamehlo na?


Ngiyazi ukuthi kuzofika izimpisi ezinonya emuva kokuba sengihambile, ezingenakuwuhawukela umhlambi,


Kwehla abathile bevela eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.”


Sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathaze ngamazwi, balimaza imiphefumulo yenu, esingabathumanga ukuba bakwenze.


siyazi lokhu, ukuthi umthetho awubekelwanga olungileyo, kodwa abahlubukayo, abangamesabi uNkulunkulu, izoni ezihlazisayo, abadumazayo, ababulala oyise nonina, ababulala abantu,


uma kungumuntu ongasolekiyo, indoda emfazi munye, enabantwana abakholwayo, abangasoleki ngokungabi nasimilo nangokungalaleli.


Lo othi: “Ngiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, akanalo iqiniso.


Maye, kini zazimthetho nabaFarisi, bazenzisi, ngokuba nidla izindlu zabafelokazi, nenze imikhuleko emide nizenzisa! Ngakho-ke niyakwemukeliswa ukulahlwa okukhulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite