Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 8:4 - IsiZulu 2020

4 Ukuba ubesemhlabeni ubengeke abe ngumphristi nakanye, ngokuba bakhona abaphristi abanikela ngeminikelo ngokomthetho,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba uma ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumpristi nakanye, ngokuba bakhona abapristi abanikela ngeminikelo ngomthetho,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

4 Ngoba uba ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumphristi, lokhu bakhona abapristi abanikela izipho ngokomlayo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngoba uba ebesemhlabeni, ubengayikuba ngumphristi, lokhu bakhona abapristi abanikela izipho ngokomlayo;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 8:4
11 Referans Kwoze  

Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu okhethwa kubantu, umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono;


“Niyakugcina inkonzo yendlu engcwele nenkonzo yase-althare, ukuze ulaka lungabe lusaba khona phezu kwabantu bakwa-Israyeli.


zaba yisikhumbuzo kubantu bakwa-Israyeli, ukuze kungabi bikho mfokazi ongesiye owozalo luka-Aroni oyakulokotha asondele ashise impepho phambi kukaSimakade; ukuze angabi njengoKhora neviyo lakhe, njengalokhu uSimakade akhuluma kuye ngoMose.


Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.


Akadingi, njengabanye abaphristi abakhulu, ukuba imihla ngemihla anikele ngemihlatshelo ngenxa yezono zakhe kuqala, bese kuba ngenxa yezabantu, ngokuba wakwenza lokho kwaba kanye mhla ezinikela Yena.


Ngokuba yilowo nalowo mphristi omkhulu, ugcotshelwe ukunikela ngeminikelo nemihlatshelo. Ngakho-ke kudingekile ukuba naye luqobo abe nakho okuthile azonikela ngakho.


Ngokuba ingumfanekiso walesi sikhathi samanje, okulethwa ngaso iminikelo nemihlatshelo, engenakumenza okhonzayo abe nonembeza omsulwa.


Yilowo nalowo mphristi uyama ekhonza imihla ngemihla, enikela engaphezi ngayo leyo mihlatshelo engakwazi ukususa izono.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite