Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 7:5 - IsiZulu 2020

5 Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubuphristi, bayaliwe ukuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okusho ukuthi kubafowabo, nakuba nabo bengabokhalo luka-Abhrahama.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Nalabo bamadodana kaLevi abamukeliswa ubupristi banomyalo wokuthatha okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, ingani baphume okhalweni luka-Abrahama;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Kepha labo abangamadodana kaLevi abemukeliswa ubupristi banomyalo wokuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, noma bephuma okhalweni luka-Abrahama;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Kepha labo abangamadodana kaLevi abemukeliswa ubupristi banomyalo wokuba bathathe okweshumi kubantu ngokomthetho, okungukuthi kubafowabo, noma bephuma okhalweni luka-Abrahama;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 7:5
15 Referans Kwoze  

ngokuba wayesesokhalo lukayise mzukwana uMelkhizedeki emhlangabeza.


Ngabuye ngezwa nokuthi abanye abaLevi nabaculi ababesebenza ethempelini sebehambile bayosebenza emasimini abo, ngoba abantu base beyekile ukuba babanike isabelo sabo.


ngaphandle kokuthi awuyukuyakha indlu, kodwa indodana yakho eyakuphuma okhalo lwakho yiyona eyakukwakhela igama lami indlu.’


Wena, namadodana akho ahlala nawe, niyakugcina ubuphristi kukho konke okuphathelene ne-althare, nakukho konke okungaphakathi kwesihenqo. Lokhu kungumsebenzi wenu, ngokuba ngininika ubuphristi bube yinkonzo eyisipho kini, umfokazi osondelayo uyobulawa.”


Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kodwa uyabizwa nguNkulunkulu njengalokhu kwaba njalo naku-Aroni.


“Biza u-Aroni umfowenu phakathi kwabantu bakwa-Israyeli namadodana akhe, uNadabi, u-Abhihu, u-Eleyazare no-Ithamari beze kuwe, ukuba babe ngabaphristi bami bangikhonze.


Bonke abantu abangena eGibhithe noJakobe, abavela okhalo lwakhe ngaphandle kwabafazi babo, babengama-66.


Sebebonke abaphuma okhalo lukaJakobe babengabantu abangama-70. UJosefa wayevele eseseGibhithe.


UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla. Zala wande, ube yisizwe esikhulu. Kuwe kuyovela izizwe eziningi. Nasokhalo lwakho kuyovela amakhosi.


“Kuyothi lapho usuqedile ukuthatha konke okweshumi kwezithelo zakho, ngonyaka wesithathu, okungunyaka wokweshumi, usumnikile, wadla, wasutha umLevi, umfokazi, intandane, nomfelokazi ohlala nawe emzini wakho,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite