Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 6:5 - IsiZulu 2020

5 banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

5 Futhi balinambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Futhi balinambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 6:5
13 Referans Kwoze  

Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke.


uma seninambithile nezwa ukuthi iNkosi imnene.


Ngokuba lapho sebephunyukile ekungcoleni kwaleli lizwe ngokwazi iNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu kodwa baphinde babanjwa yikho, kwabehlula, futhi isiphetho sabo sibasibi kakhulu kunesiqalo.


Ngokuba izwe elizayo esikhuluma ngalo kalithobiselanga phansi kwezingilosi.


UHerode wayemesaba uJohane, emazi ukuthi uyindoda elungileyo, engcwele, futhi wayemvikela. Lapho uHerode emlalela uJohane wayesala ekhathazekile kakhulu, nokho wayethanda ukumlalela.


Yizwani, nibone ukuthi uSimakade muhle; babusisiwe labo abaphephela kuye.


Yilowo nalowo oyakukhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu, uyakuthethelelwa; kodwa lowo oyakukhuluma izwi elimelene noMoya oNgcwele, akayukuthethelelwa kuleli lizwe nakwelizayo.


namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu,


Phela izwi likaNkulunkulu liphilile, linamandla, libukhali kunezinkemba zonke ezisika nganhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukaniswe umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha, lehlulela imicabango, nezizindlo zenhliziyo.


Ngokukholwa, siqonda ukuthi umhlaba wadalwa ngezwi likaNkulunkulu, kwaze kwathi kulokho okungabonakaliyo kwavela okubonakalayo.


Lelo yizwi levangeli elashunyayelwa kini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite