Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 6:19 - IsiZulu 2020

19 Leli themba sinalo linjengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 esinalo njengehange* lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

19 ithemba esilalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile, liqinile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 ithemba esilalo njengehange lomphefumulo, liqinisekile, liqinile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 6:19
33 Referans Kwoze  

Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa uMsindisi wami, noNkulunkulu wami.


Uyohlaba impongo ibe ngumnikelo wesono wabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngalo njengalokhu enzile ngegazi lenkunzi, alifafaze phezu kwesihlalo somusa naphambi kwaso.


USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”


Kepha ngumphristi omkhulu kuphela ongena engxenyeni yesibili engcwelengcwele kanye ngonyaka, ephethe igazi lokuzonikelela yena uqobo, nangenxa yezono abantu abazenze ngokungazi nangokungaqondi.


Emva kwesihenqo sesibili kwakukhona ithabanakeli okuthiwa ngelingcwelengcwele.


Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka,


Ngakho-ke uma navuswa kanye noKhristu, funani okwaphezulu, lapho ekhona uKhristu, ehleli ngakwesokunene sikaNkulunkulu;


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kwami na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


Besaba ukuthi hleze singase sishayeke ezindaweni ezinamadwala, base bephonsa amahange amane ngemuva, bafisa sengathi ngabe sekusile.


Ngalokho, kuya ngokukholwa ukuba kube ngokomusa, ukuze isithembiso siqiniseke enzalweni yonke, kungabi kweyomthetho kuphela, kodwa nakuleyo engeyokukholwa kuka-Abhrahama ongubaba wethu sonke,


Banquma amahange, bawashiya olwandle; bathukulula izintambo zamaphini okuqondisa umkhumbi; indwangu engaphambili bayiphakamisela emoyeni, base beqonda ogwini.


Ngakho-ke, ithi iNkosi uSimakade: “EZiyoni ngibeka itshe lesisekelo elivivinyekileyo, itshe legumbi eliyigugu elinqabileyo lesisekelo soqobo, owethembayo akayukuxhamazela.


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Ngakho-ke masisondele ngesibindi esihlalweni somusa ukuze samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.


Wasivusa kanye naye, wasihlalisa naye ezulwini kuKhristu uJesu,


Mphefumulo wami, kungani udangele, uyaluza ngaphakathi kimi na? Themba uNkulunkulu, ngokuba ngisazomdumisa ngokusindisa kobukhona bakhe.


Ngakho-ke bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilileyo, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.


“Manje, Nkosi, ngisalindeleni na? Ithemba lami likuwe.


Buyelani enqabeni nina baboshiweyo abanethemba. Ngiyanitshela namhlanje ukuthi ngiyakunibuyisela okungokwenu ngokuphindwe kabili.


UPawula azi ukuthi bangamaqembu, enye ingxenye ingeyabaSadusi, enye ingeyabaFarisi, wayesememeza emkhandlwini, wathi: “Madoda, bazalwane, mina ngingumFarisi, nendodana yomFarisi, ngibekwe icala lokuthi nginethemba lokuvuka kwabafileyo.”


owathi kungekho themba, waba nethemba, wakholwa ukuthi uzakuba nguyise wezizwe eziningi, njengokuba kwashiwo ukuthi: “Luyakuba njalo ulibo lwakho.”


ukubekezela kuveza ukuqiniseka, ukuqiniseka kuveza ithemba.


Manje-ke, kumi lokhu okuthathu: ukukholwa, ithemba, nothando, kodwa okukhulu kulokhu wuthando.


okuyibona uNkulunkulu athanda ukubazisa ukuthi iyini ingcebo yenkazimulo yale mfihlakalo phakathi kwabezizwe. Le mfihlakalo inguKhristu phakathi kwenu, ithemba lenkazimulo.


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Khristu, owasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu, ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Khristu kwabafileyo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite