Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 6:12 - IsiZulu 2020

12 ukuze ningabi ngamavila, kodwa nilingise labo okuthe ngokukholwa nangokubekezela badla ifa lezithembiso.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 ukuba ningabi buthuntu, kodwa nibalingise labo abadla ifa lesithembiso ngokukholwa nangokubekezela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

12 ukuze ningavilaphi, kodwa nilingise labo abathi ngokholo nangokubekezela badla ifa lezithembiso.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Ukuze ningavilaphi, kodwa nilingise labo abathi ngokholo nangokubekezela badla ifa lezithembiso.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 6:12
36 Referans Kwoze  

Khumbulani ababenihola, bekhuluma izwi likaNkulunkulu; nazi umphumela wokuhamba kwabo, nilingise ukukholwa kwabo.


Ngokuba niyadinga ukubekezela, lokho kuyintando kaNkulunkulu ukuze kuthi lapho senikwenzile namukele isithembiso.


Nasi-ke isithembiso Yena asethembisa sona: ukuphila okuphakade.


ekukhuthaleni, ningabi ngamavila; nivuthe emoyeni, nikhonze iNkosi;


Kuningi esingakusho ngalokho, kodwa kulukhuni ukunichazela, ngokuba nilukhuni ukuzwa.


Ngakho-ke bazalwane, khuthalani kakhulu ukuze nikhombise ukubizwa nokukhethwa kwenu. Phela uma nikwenza lokho, anisoze nakhubeka nakanye.


nazi ukuthi ukuvivinywa kokukholwa kwenu kuveza ukukhuthazela.


Ngakho-ke nathi, njengalokhu sinefu elingaka lawofakazi abasihaqileyo, masilahle konke okusindayo nesono esithandela kangaka kithi, sigijime ngokubekezela kulokhu kuncintisana esikumiselweyo,


Izingelosi zonke aziyibo yini omoya bokukhonza abathunyelwe ukukhonza ngenxa yalabo abayakudla ifa lensindiso na?


futhi abe nguyise wabasokileyo, kungabi ngowabasokileyo kuphela, kodwa nowalabo abahamba endleleni yokukholwa, ubaba u-Abhrahama ayenakho engakasoki.


kulabo okuthe ngokubekezela ekwenzeni okuhle bayifuna inkazimulo nodumo nokungaboli, bafumana ukuphila okuphakade.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Yimani ezindleleni, nibone, nibuze ngemikhondo yasemandulo ukuthi ikuphi indlela enhle, nihambe kuyo, niyakufumana ukuphumula kwemiphefumulo yenu, kepha, bathi: ‘Asiyukuhamba kuyo.’


Umuntu ovilapha ukusebenza, ungumfowabo wenkosi yokubhubhisa.


Uma uthathwa uyiswa ekuthunjweni, uyakuya ekuthunjweni; uma kukhona obulawa ngenkemba, uyakufa ngenkemba. Lokhu kungukubekezela nokukholwa kwabangcwele.


okwathi ngokukholwa, banqoba imibuso, basebenza ukulunga, bazuza izithembiso, bavimba imilomo yezingonyama,


Ngakho-ke esebekezele, wakuzuza akwethenjiswayo.


Thina uqobo sizincoma ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa, nibekezela kukho konke ukuzingelwa kwenu, nokuhlushwa kwenu.


Abasemhlabathini ovundileyo, yilabo abathi uma sebelizwile izwi, balamukele, babambelele kulo ngenhliziyo eqotho nelungileyo, kuthi ngokubekezela, bathele izithelo.


‘Mina nginguNkulunkulu ka-Abhrahama, uNkulunkulu ka-Isaka noNkulunkulu kaJakobe’ na? “Akasiye uNkulunkulu wabafileyo, kodwa owabaphilayo.”


Indlela yevila injengothango lwameva, kodwa umkhondo wabakhutheleyo unjengomgwaqo ohlelembelekile.


Umphefumulo wevila uyafisa ungatholi lutho, kepha imiphefumulo yabakhutheleyo iyakuneliswa.


Isandla sabakhuthele siyobusa, kodwa amavila ayophoqwa ukusebenza.


sikhumbula umsebenzi wenu wokukholwa, umshikashika wothando, nethemba lenu eliqinileyo eNkosini yethu uJesu Khristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu.


“Wayesefa ompofu, wathwalwa yizingelosi, wayiswa esifubeni sika-Abhrahama. Safa nesicebi, sangcwatshwa.


“Kepha inkosi yayo yaphendula, yathi kuyo: ‘Nceku embi nevilaphayo, kanti bewazi ukuthi ngivuna lapho ngingahlwanyelanga khona, ngiqoqe lapho ngingafazanga khona na?


Uma ungazi, wena omuhle kunabo bonke abesifazane, landela imizila yomhlambi, weluse amazinyane akho ngasemathendeni abelusi.


ukuze bahambe ezindleleni zabahle, bagcine izindlela zabalungileyo,


Oyengela abaqotho endleleni embi, nguyena oyokhalakathela emgodini, kepha abangenasici bayodla ifa elihle.


Isicabha siphenduka ngezingibe zaso, nevila ecansini lalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite