Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 5:2 - IsiZulu 2020

2 ukuba babaphathe kahle labo abangazi nabadukayo, lokhu naye uhaqwe ngubuthakathaka;

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

2 Ongaba nesihawu kwabangazi nakwabadukayo; ngokuba naye uqobo uzungezwe ubuthakathaka.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ongaba nesihawu kwabangazi nakwabadukayo; ngokuba naye uqobo uzungezwe ubuthakathaka.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 5:2
24 Referans Kwoze  

Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.


Njengalokhu Yena uqobo wahlupheka elingwa, unamandla okusiza abalingwayo.


Ngokuba umthetho ubeka abantu abanobuthakathaka ngokwemvelo ukuba babe ngabaphristi abakhulu, kodwa izwi lesifungo elalandela umthetho libeka iNdodana ephelelisiwe, kuze kube phakade.


Nizenzele izinyawo zenu izindlela eziqondileyo ukuze okuqhugayo kungaphinyizeki, kunalokho kuphiliswe.


Niyazi ukuthi ngenxa yokuba buthaka enyameni, ngashumayela ivangeli kini okokuqala,


Ngizakuzigabisa ngomuntu onjalo, kodwa mina luqobo angizukuzigabisa ngalutho, ngaphandle kobuthakathaka bami.


nakuba ngangikade ngingohlambalazayo, nozingela amakholwa, nohluphayo. Kepha ngahawukelwa, ngokuba ngangikwenza ngokungazi nangokungakholwa.


Uma kufanele ngizincome, ngiyakuzincoma ngobuthakathaka bami.


Kepha Mina ngikunxusele ukuba ukukholwa kwakho kungapheli. Wena-ke, uma usuphendukile, uqinise abafowenu.”


chezukani endleleni, niphambuke emkhondweni, msuseni phambi kwethu oNgcwele ka-Israyeli.”


Basheshe baphambuka endleleni engabayala ngayo. Bazenzele ithole elibunjiweyo, balikhonza, balihlabela, bathi: ‘Nampa onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhipha eGibhithe.’ ”


Nokho ababalalelanga abehluleli babo, ngokuba baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela. Ngokushesha bachezuka endleleni abahamba kuyo oyisemkhulu, ababelalela imiyalo kaSimakade, abazange basilandele isibonelo sabo.


Abaduka emoyeni, bayofinyelela ekwazini, nalabo abakhonondayo, bayokwamukela umyalo.”


abangqondo yabo ifiphazwe ngubumnyama, bahlukaniswa nokuphila kukaNkulunkulu ngenxa yokungazi kwabo nangenxa yobulukhuni benhliziyo yabo,


Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Kepha ngumphristi omkhulu kuphela ongena engxenyeni yesibili engcwelengcwele kanye ngonyaka, ephethe igazi lokuzonikelela yena uqobo, nangenxa yezono abantu abazenze ngokungazi nangokungaqondi.


Bazalwane bami, uma omunye wenu ephambuka eqinisweni, omunye ambuyise;


ngokuba naninjengezimvu ezidukileyo, kodwa manje senibuyele kumelusi nomphathi wemiphefumulo yenu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite