Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 3:9 - IsiZulu 2020

9 lapho okhokho benu bangilinga bengihlola, nakuba babeyibonile imisebenzi yami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 lapho oyihlo bangilinga bengihlola, noma bebona imisebenzi yami iminyaka engamashumi amane;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

9 Lapho oyihlo bangilingayo, bangivivinya, babona imisebenzi yami iminyaka engamatshumi amane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Lapho oyihlo bangilingayo, bangivivinya, babona imisebenzi yami iminyaka engamatshumi amane.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 3:9
17 Referans Kwoze  

Nguye lo owabakhipha eGibhithe enzile izimangaliso nezibonakaliso, nasoLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engama-40.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Lapho bekhala kuSimakade, waletha ubumnyama phakathi kwenu nabaseGibhithe. Wenza ulwandle ukuba lubuyele phezu kwabo lubagubuzele; nakubona engakwenza kwabaseGibhithe; emveni kwalokho nahlala ehlane izinsuku eziningi.


Izingubo zakho azikugugelanga, nonyawo lwakho aluvuvukalanga kule minyaka engama-40.


“Amehlo enu akubonile uSimakade akwenza eBhali Pheyori, ukuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wababhubhisa kanjani bonke abantu owawukanye nabo, labo abalandela uBhali Pheyori.


‘Nikubonile engikwenze kwabaseGibhithe, nokuthi nginithwale kanjani ngamaphiko okhozi nganiletha kimi.


Kepha u-Elimasi, umlumbi, ngokuba yigama lakhe lelo uma lihunyushwa, wamelana nabo, efuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni.


UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.


“Mina nganikhipha eGibhithe, nganihola ehlane iminyaka engamashumi amane ukuba nidle izwe lama-Amori.


futhi nikubonile konke uSimakade uNkulunkulu wenu akwenza kuzo zonke lezi zizwe ngenxa yenu, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu owanilwela.


UMose wababiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nikubonile konke uSimakade akwenza eGibhithe nibuka, kuFaro nakuzo zonke izinceku zakhe, nasezweni lakhe lonke:


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Abantwana benu bayakuba ngabelusi ehlane iminyaka engama-40, bayakuthwala icala lokuphinga kwenu, zize ziphele nya izidumbu zenu ehlane.


USimakade wathi kuMose: “Uyakusho lokhu kubantu bakwa-Israyeli uthi: ‘Nizibonele ukuthi ngikhulume nani ngisezulwini.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.


Ngokuba amehlo enu ayibonile yonke imisebenzi kaSimakade emikhulu ayenzileyo.


lapho okhokho benu bangilinga khona, bangivivinya, bewubonile umsebenzi wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite