Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 2:8 - IsiZulu 2020

8 Lapho ebeka konke phansi kwezinyawo zakhe, kashiyanga lutho okungabekwanga phansi kwakhe. Kepha manje asikaziboni izinto zonke zibekwe phansi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngokuba ekubekeni izinto zonke phansi kwakhe kashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kepha kalokhu asikaziboni izinto zonke zibekiwe phansi kwakhe;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Zonke izinto wazibeka phansi kwezinyawo zakhe. Ngokuba ekubekeni konke phansi kwakhe, akashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kodwa kalokhu asikaboni zonke izinto zibe ngaphansi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Zonke izinto wazibeka phansi kwezinyawo zakhe. Ngokuba ekubekeni konke phansi kwakhe, akashiyanga lutho olungabekwanga phansi kwakhe. Kodwa kalokhu asikaboni zonke izinto zibe ngaphansi kwakhe.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 2:8
19 Referans Kwoze  

UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye.


Ngokuba zonke izinto zithotshisiwe zaba phansi kwezinyawo zakhe. Nxa ethi: “Izinto zonke zithotshisiwe phansi kwakhe,” kusobala ukuthi yena ozithobisileyo zonke izinto, akahlangene nazo.


umenze wabusa phezu kwemisebenzi yezandla zakho; wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe:


othe esenyukele ezulwini, wahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu, esebekile phansi kwakhe izingelosi, ababusi neziphathimandla.


Wanikwa ukubusa, ubukhosi, nombuso, ukuze bonke abantu, izizwe, nezilimi bamkhonze; ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade okungayukuphela, nombuso wakhe yiwo ongayukubhujiswa.


nophilayo. Ngangifile; manje ngiyaphila kuze kube phakade naphakade, futhi ngiphethe izihluthulelo zokufa nezeHayidesi.


Kepha yiyiphi ezingelosini ake asho kuyo ukuthi: “Hlala ngakwesokunene sami, ngize ngibeke izitha zakho zibe yisenabelo sezinyawo zakho” na?


nakuJesu Khristu, ufakazi othembekileyo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhulula ezonweni zethu ngegazi lakhe,


Ngokuba izwe elizayo esikhuluma ngalo kalithobiselanga phansi kwezingilosi.


UYise uyayithanda iNdodana, ngakho-ke unikele konke ezandleni zayo.


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite