Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 13:8 - IsiZulu 2020

8 UJesu Khristu nguYena izolo, nanamuhla, yebo, naphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJesu Kristu nguyena izolo nanamuhla, yebo, naphakade.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 UJesu Kristu unguye izolo, nanamuhla, naphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJesu Kristu unguye izolo, nanamuhla, naphakade.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 13:8
19 Referans Kwoze  

“Ngokuba Mina Simakade angiguquki, nani madodana kaJakobe anikapheli nya.


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


“Mina ngiyiSiqalo neSiphetho,” kusho iNkosi uNkulunkulu, “okhona, owayekhona, nozayo, uSomandla.”


Njengesembatho uyakuwasonga, ayakuguquka njengengubo, kodwa Wena unguye njalo iminyaka yakho ayiyukuphela.”


“Usho kanje uSimakade, iNkosi ka-Israyeli, noMhlengi wakhe, uSimakade Wamabandla, uthi: ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina, ngaphandle kwami akekho uNkulunkulu.


Zingakaveli izintaba, umhlaba, nezwe ungakakudali, kusukela phakade kuze kube phakade, Wena, Nkulunkulu, ukhona.


Kepha umusa kaSimakade uphezu kwabamesabayo phakade naphakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Ngubani okwenzileyo lokhu, wakudala, wabiza izizukulwane kwasekuqaleni na? Mina, Simakade ngingowokuqala, futhi ngingowokugcina.”


Ngokuba emehlweni akho inkulungwane yeminyaka ingangosuku lwayizolo olwedlule, imfushane ngangomlindo wasebusuku.


UJohane, kuwo amabandla ayisikhombisa ase-Asiya: makube kinina umusa nokuthula okuvela kuye okhona, nowayekhona nozayo, nakoMoya abayisikhombisa abaphambi kwesihlalo sakhe sobukhosi,


Ngokuba iNdodana kaNkulunkulu uJesu Khristu eyashunyayelwa yithi kini: mina, noSilvanu, noThimothewu, ayisiye uyebo noqhabo, kodwa kuYena, kuhlala kunguyebo.


lithi: “Lokhu okubonayo kulobe encwadini, ukuthumelele emabandleni ayisikhombisa: e-Efesu, eSimirna, ePhergamu, eThiyathira, eSardesi, eFiladelfiya naseLawodikheya.”


U-Abhrahama watshala umthamariske eBheri Sheba, wayesekhuleka egameni likaSimakade uNkulunkulu Ophakade.


UNkulunkulu wathi kuMose: “Nginguye Enginguye.” Wathi: “Uyakubatshela abantu bakwa-Israyeli uthi: ‘UNginguye ungithumile kini.’ ”


Nakuba izithembiso zikaNkulunkulu ziziningi kakhulu, kuYena zinguyebo, ngakho-ke ngaye zingu-Amen; kudunyiswe uNkulunkulu ngathi.


Kuye uNkulunkulu munye, uMsindisi wethu ngaye uJesu Khristu iNkosi yethu, makube udumo, nobukhosi, namandla, negunya, kusukela zingakabi bikho izikhathi, namanje, kuze kube phakade. Amen.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite