Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 12:7 - IsiZulu 2020

7 Bekezelani nxa niyalwa; uNkulunkulu uniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana uyise angayiyaliyo na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Bekezelani ekulayweni; uNkulunkulu uyaniphathisa okwabantwana, ngokuba yiyiphi indodana engalaywa nguyise na?

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Uma nibekezelela ukulaywa, uNkulunkulu uniphatha njengamadodana; ngoba yiyiphi indodana uyise angayilayayo?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Uma nibekezelela ukulaywa, uNkulunkulu uniphatha njengamadodana; ngoba yiyiphi indodana uyise angayilayayo?

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 12:7
16 Referans Kwoze  

Yiyale indodana yakho lisekhona ithemba; ungayifiseli ukuba ife.


Uyokwazi enhliziyweni yakho ukuthi njengalokhu wonke umuntu eyiyala indodana yakhe, kanjalo uSimakade uNkulunkulu wakho uyakuyala nawe.


Uswazi nokusola kunika ukuhlakanipha, kepha umntwana oyekwayo uyakuhlaza unina.


Oyeka uswazi uyayizonda indodana yakhe, kodwa oyithandayo uyanakekela ukuba ayiyale.


Yiyale indodana yakho, khona iyokuphumuza, yebo, iwuthokozise umphefumulo wakho.


Mina ngiyakuba nguyise, yena abe yindodana yami; okuyakuthi uma enza isono, ngimjezise ngenduku yabantu nangemivimbo yabantwana babantu.


Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana, kodwa induku yokumyala ibuqhelisela kude naye.


Uyise wayengakaze amkhuze nakanye, athi: “Ukwenzeleni lokhu na?” U-Adoniya wayemuhle kakhulu, elama u-Absalomu.


Ngimtshelile ukuthi ngizoyehlulela indlu yakhe kuze kube phakade, ngesiphambeko asaziyo; lokhu amadodana akhe azehlisele isiqalekiso, akaze awakhuza.


“ ‘Lokhu kuyakuba yisiboniso kuwe esiyakwehlela amadodana akho amabili, uHofini noFinehasi; ngalusuku lunye, bayakufa bobabili.


Kungani niwedelela umhlatshelo wami nomnikelo wami engiyale ngakho endlini yami, uhloniphe amadodana akho kunami, nizikhuluphalise ngeminikelo emihle yakwa-Israyeli, yabantu bami na?’


beqinisa imiphefumulo yabafundi, bebagqugquzela ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.”


Kepha ngokwehlulelwa yiNkosi, siyayalwa ukuze singalahlwa kanye nezwe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite