Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 12:29 - IsiZulu 2020

29 ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ngoba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 12:29
20 Referans Kwoze  

Ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho ungumlilo oqothulayo, unguNkulunkulu onomhawu.


“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.


kepha kuphela ukulindela ukwehlulelwa okwesabekayo nomlilo ovutha bhe ozakungqongqisa amaphikankani.


iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.


Ngokuba uSimakade uyofika ngomlilo, izinqola zakhe zibe njengesivunguvungu, athulule intukuthelo yakhe ngokufutheka, nolaka lwakhe ngamalangabi omlilo.


Ukubonakala kwenkazimulo kaSimakade kubantu bakwa-Israyeli kwakufana nomlilo oqothulayo esiqongweni sentaba.


“Kuthe ngisabuka, kwase kubekwa izihlalo zobukhosi, kwahlala omdala wezinsuku. Izembatho zakhe zazimhlophe njengeqhwa, izinwele ekhanda lakhe zinjengoboya bezimvu obuhlanzekileyo. Isihlalo sakhe sobukhosi sasingamalangabi omlilo, amasondo aso engumlilo ovuthayo.


Umlilo uhamba phambi kwakhe, uzishwabadele nxazonke izitha zakhe.


UNkulunkulu wethu uyeza, akayukuthula, phambi kwakhe kunomlilo oqothulayo, uphahlwe yisivunguvungu esinamandla.


Kweza umlilo uvela kuSimakade, wabaqothula abantu abangama-250 ababenikele ngempepho.


Abantu bakhononda, uSimakade wezwa, kwaba kubi ezindlebeni zakhe, ngakho-ke intukuthelo yakhe yavutha phakathi kwabo, umlilo kaSimakade washa ubuhanguhangu phakathi kwabo, wabhubhisa ngisho imikhawulo yenkambu.


Ebukhulwini bobukhosi bakho uthele phansi labo abamelana nawe, uthumele intukuthelo yakho yabaqothula njengamahlanga.


Kwaphuma intuthu emakhaleni akhe, nomlilo oqothulayo emlonyeni wakhe, namalahle avuthayo kuye.


Izoni eZiyoni ziyesaba, abangenabunkulunkulu bakhungethwe yitwetwe. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo na? Ngubani phakathi kwethu ongahlala namalangabi aphakade na?”


Izibaya ezinokuthula ziqediwe, ngenxa yolaka oluvuthayo lukaSimakade.


Ngesikhwele nangolaka lwami oluvuthayo ngikhulumile, ngathi: Impela ngalolo lusuku kuyakuba khona ukuzamazama okukhulu ezweni lakwa-Israyeli.


Ngakho-ke njengalokhu sazi ukuthi kuyini ukwesaba uNkulunkulu, siyabancenga abantu. Kepha thina sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu, sibonakalisiwe.


bese nina enihluphekayo aniphe ukuphumula kanye nathi ekwambuleni kweNkosi uJesu, ivela ezulwini, inezingelosi zamandla ayo,


Kuyinto esabekayo ukuwela ezandleni zikaNkulunkulu ophilayo.


Ngalo lelo lizwi, izulu nomhlaba okukhona manje kubekelwe umlilo, kulindele usuku lokwehlulelwa nolokubhujiswa kwabantu abangamesabi uNkulunkulu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite