Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 12:23 - IsiZulu 2020

23 nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMehluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 nasebandleni lamazibulo abhaliwe ezulwini, nakuNkulunkulu, uMahluleli wabo bonke, nakuyo imimoya yabalungileyo abaphelelisiweyo,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Lomhlangano omkhulu lebandla lamazibulo alotshiweyo ezulwini, lakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, lemimoya yabalungileyo abapheleliswayo,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Lomhlangano omkhulu lebandla lamazibulo alotshiweyo ezulwini, lakuNkulunkulu uMahluleli wabo bonke, lemimoya yabalungileyo abapheleliswayo,

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 12:23
45 Referans Kwoze  

Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


ngokuba uNkulunkulu wayesibonele okuhle kunalokho, ukuze bangapheleliswa ngaphandle kwethu.


Nokho ningathokozi ngalokhu ukuthi imimoya iyanithobela, kodwa jabulelani ukuthi amagama enu alotshiwe ezulwini.”


Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Uyakuthi kuFaro: ‘Usho kanje uSimakade: “U-Israyeli uyizibulo lami,


Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


Uma ekhona ongafunyaniswanga elotshiwe encwadini yokuphila, waphonswa echibini lomlilo.


Phakama, Mehluleli womhlaba, uziphindisele kwabazidlayo izenzo zabo.


Njengokuba futhi kumisiwe ukuba abantu bafe kanye, emva kwalokho kube ngukwehlulelwa,


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, impela uyeza ukuzokwehlulela umhlaba. Uzowehlulela ngobuqotho umhlaba, nezizwe ngokwethembeka kwakhe.


Bonke abakhileyo emhlabeni bayakukhuleka kuso, bonke abamagama abo engalotshiwe encwadini yokuphila yeWundlu elahlatshwayo, selokhu kwasekelwa umhlaba.


owathi ethukwa akaze aphindisela, ehlushwa akaze asongela muntu, kodwa wazinikela kulowo owehlulela ngokulunga;


Ngokukholwa, u-Abela wanikela kuNkulunkulu ngomnikelo owamukelekayo kunokaKhayini. Ngalokhu wathola ukunconywa ngokuthi ulungile, uNkulunkulu efakazela izipho zakhe. Nakuba esafa, usakhuluma nokho ngawo.


Kepha uma umuntu engakwazi ukuphatha kahle umuzi wakhe, pho angaliphatha kanjani ibandla likaNkulunkulu na?


Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila.


Wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa ukuba abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla,


Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.


Uyinikile igunya lokwehlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.


phambi kukaSimakade, ngokuba uyeza, uzokwehlulela umhlaba. Uzolehlulela ngokulunga izwe, nezizwe ngobuqotho.


Manje ngiyathokoza ezinhluphekweni zami ngenxa yenu, ngokuba ngigcwalisa okusileleyo ezinhluphekweni zikaKhristu enyameni yami ngenxa yomzimba wakhe oyibandla,


nibonga uYise owanenza nafanela ukuba nesabelo sefa labangcwele ekukhanyeni,


Simi isibindi, singathanda ukwehlukana nekhaya elisemzimbeni, ukuba sibe sekhaya eliseNkosini.


Kepha lapho okubolayo sekwembethe ukungaboli, nokufayo sekwembethe ukungafi, kuzakugcwaliseka izwi elilotshiweyo, elithi: “Ukufa kugingiwe kwaba ngukunqoba.”


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.


Bayakuza bekhala, bekhuleka; lapho ngibabuyisa, ngiyakubaholela emifuleni yamanzi, ngendlela eqondileyo abangayukukhubeka kuyo, ngokuba nginguyise ka-Israyeli, no-Efrayimi uyizibulo lami.


uthuli lubuyele emhlabathini, njengoba lwalunjalo, umphefumulo ubuyele kuNkulunkulu owawuvele kuye.


Makadunyiswe uSimakade! Ngiyakumbonga uSimakade ngenhliziyo yami yonke enhlanganweni nasebandleni labaqotho.


Ngiyomenza abe yizibulo nophakemeyo kunamakhosi omhlaba.


UNkulunkulu uyesabeka kakhulu emkhandlwini wabangcwele, umelwe ukuhlonishwa kakhulu yibo bonke abamzungezileyo.


Mabesulwe encwadini yabaphilayo, bangalotshwa kanye nabalungileyo.


Kodwa uyokuvuma obala ukuthi indodana yesaliwakazi yiyo eyizibulo ngokuyinika isabelo esiphindiweyo sakho konke anakho, ngokuba yiyona engukuqala kwamandla akhe; ilungelo lobuzibulo lingelayo.”


“Ngihlukanisele wonke amazibulo; noma yiliphi izibulo elivule isibeletho kwabakwa-Israyeli, kubantu nezilwane, ngokuba lingelami.”


Nokho ngiyakunxusa ukuba uthethelele isono sabo; uma ungabathetheleli, ngesule encwadini yakho oyibhalileyo.”


Njengalokhu futhi sinesimo songowenhlabathi, siyakuba futhi nesimo songawasezulwini.


ethi: “Ngizakushumayela igama lakho kubafowethu, ngikuhubele phakathi kwebandla,”


Kuthe nalapho selivula uphawu lwesihlanu, ngabona phansi kwe-althare imiphefumulo yababebulewe ngenxa yezwi likaNkulunkulu nangenxa yobufakazi ababenabo.


Base benikwa, yilowo nalowo ingubo emhlophe, batshelwa ukuthi kusazokuba yisikhashana baphumule, size sipheleliswe isibalo sabayizinceku kanye nabo, nabazalwane babo ababesazobulawa njengabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite