Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:36 - IsiZulu 2020

36 abanye balingwa, bajivazwa, bashaywa; yebo, baboshwa, bafakwa ejele.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

36 abanye balingwa ngokujivazwa nokushaywa, yebo, nokuboshwa nokufakwa etilongweni;

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

36 Abanye balingwa ngokuhlekwa ngonya nangokubhaxabulwa, yebo, nangezibopho nokuboshwa;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

36 Abanye balingwa ngokuhlekwa ngonya nangokubhaxabulwa, yebo, nangezibopho nokuboshwa;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:36
45 Referans Kwoze  

UPhashuri wamshaya uJeremiya, umphrofethi, wamfaka ejele elalingasesangweni elingenhla kwakwaBhenjamini, ngasendlini kaSimakade.


Umphathi wamthatha uJosefa, wamgquma ejele, lapho kwakuvalelwa khona iziboshwa zenkosi.


Izigijimi zangena kuyo yonke imizi kwa-Efrayimi, kwaManase, nakwaZebuloni, kodwa babezihleka usulu, beziklolodela.


Nezwelana impela nababoshiweyo, nakwemukela ngokuthokoza ukuqhwagwa kwempahla yenu, nazi ukuthi nina ninempahla engcono kunaleyo, futhi engeyaphakade.


Ngalokho-ke bhekani, ngithumela kini abaphrofethi, abahlakaniphileyo nezazimthetho. Abanye niyakubabulala, abanye nibabethele, abanye nibashaye emasinagogeni enu, nibaxoshe imizi ngemizi.


Simakade, wangiyenga, ngayengeka; ube namandla kunami, wangehlula. Ngibe yinhlekisa usuku lonke, ngaklolodelwa yibo bonke.


U-Asa wamthukuthelela umboni, wayesemfaka ejele, ngokuba wathukuthela ngenxa yale nto umboni ayemtshele yona. U-Asa wabacindezela abanye abantu ngaleso sikhathi.


Ungakwesabi lokho ozakuhlupheka ngakho. USathane uzakubaphonsa ejele abanye benu ukuze nilingwe, futhi nizakuhlupheka izinsuku ezilishumi. Thembekani kuze kube sekufeni, ngizakuninika umqhele wokuphila.


engihlupheka ngenxa yalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi, kodwa izwi likaNkulunkulu aliboshiwe.


Sengathi iNkosi ingabenzela umusa abendlu ka-Onesiforu, ngokuba ubengihlumelela njalo futhi engenamahloni ngokuboshwa kwami.


Ngakho-ke mina siboshwa eNkosini ngiyanikhuthaza ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho,


Kepha sekuphele iminyaka emibili, isikhundla sikaFelikisi sathathwa nguPhorkiyu Festu, kodwa yena efuna ukuthokozisa abaJuda wamshiya uPawula eboshiwe ejele.


Yayisisondela induna yenkulungwane, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yayisibuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


Kodwa uSawula walichitha ibandla, engena izindlu ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane; ebafaka ejele.


Sebebabizile abaphostoli, babashaya, babaxwayisa ngokuthi bangakhulumi ngegama likaJesu, base bebakhulula.


Babamba abaphostoli, babafaka ejele lombuso.


Bababamba, babafaka ejele kwaze kwaba lusuku olulandelayo, ngokuba kwase kuhlwile.


Namabutho ambhinqa, eza kuye, amnika isimuncwana sewayini,


Kepha uHerode namabutho akhe bamedelela, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.


Izakukhashelwa kwabezizwe, iklolodelwe, iphathwe kabi, ikhafulelwe ngamathe,


bayiklolodele, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale, kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”


UPilatu wayesebakhululela uBharabha, kodwa eseshayiwe uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.


“Abalimi bazibamba izinceku zakhe, enye bayishaya, enye bayibulala, enye bayikhanda ngamatshe.


Bazakuyinikela kwabezizwe ukuba iklolodelwe, ishaywe, ibethelwe esiphambanweni, kodwa ngosuku lwesithathu izakuvuswa.”


UJeremiya wasala egcekeni labalindi kwaze kwaba wusuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.


Wena hamba, uye endlini kaSimakade ngosuku lokuzila ukudla, ufunde abantu bezwa, ufundele nabo bonke abavela emizini yakwaJuda, wonke amazwi kaSimakade engikutshele wona, wawaloba emqulwini.


‘USimakade ukubeke umphristi esikhundleni sikaJehoyada, umphristi, ukuba nibe ngabaqaphi babo bonke abantu abahlanyayo nabaphrofethayo endlini kaSimakade, ukuze ubafake ejele nasemaketangweni.


Kepha bazidelela izithunywa zikaNkulunkulu ngokuwabukela phansi amazwi akhe, nangokubhuqa abaphrofethi bakhe, yaze yaba nkulu intukuthelo kaSimakade ngabantu bakhe, kwesweleka ikhambi lokuyelapha.


Wasuka lapho wenyukela eBhethele. Esendleleni, kwaphuma abafana emzini, bamgcona, bathi: “Yenyuka mpandla ndini! Yenyuka mpandla ndini!”


uyakuthi kubo: ‘Isho kanje inkosi, ithi: fakani lo ejele, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngiphephile.’ ”


UZedekiya, indodana kaKhenahara, wasondela, wamshaya uMikhaya esihlathini, wathi: “UMoya kaSimakade wasuka nini kimi ukuba akhulume kuwe na?”


Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezeneme, bathi: “Bizani uSamsoni ukuze asidlalele.” Bambiza-ke uSamsoni esejele, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika.


Ngenxa yalokho, mina Pawula ngiyisiboshwa sikaKhristu uJesu ngenxa yenu, nina bezizwe.


“UHanameli, indodana yomfowabo kababa, wafika kimi ngisegcekeni labalindi njengokusho kwezwi likaSimakade, wathi kimi: ‘Ake uthenge insimu yami ese-Anathothi kwaBhenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele yona.’ “Ngase ngazi mina ukuthi leli lizwi livela kuSimakade.


Izwi likaSimakade lafika kuJeremiya ngesikhathi esavalelwe egcekeni lejele, lathi:


uyakuthi kubo: ‘Isho kanje inkosi, ithi: “Fakani lona ejele, nimuphe isinkwa sokuhlupheka namanzi okuhlupheka, ngize ngibuye ngiphephile.” ’ ”


“Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi, kepha bayakuwa ngenkemba, ngelangabi, ngokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite