Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:3 - IsiZulu 2020

3 Ngokukholwa, siqonda ukuthi umhlaba wadalwa ngezwi likaNkulunkulu, kwaze kwathi kulokho okungabonakaliyo kwavela okubonakalayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokukholwa siqonda ukuthi izwe lonke ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, kuze kuthi okubonwayo akuvelanga kokubonwayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Ngokukholwa siyaqonda ukuthi izwe ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, ukuze okubonwayo kakuvelanga kokubonwayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokukholwa siyaqonda ukuthi izwe ladatshulwa ngezwi likaNkulunkulu, ukuze okubonwayo kakuvelanga kokubonwayo.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:3
17 Referans Kwoze  

Ngezwi nangomoya womlomo kaSimakade, kwadalwa amazulu namabandla wonke.


Ngokuba benza sengathi kufihlekile kubo ukuthi izulu lalikhona kwasemandulo, kanye nomhlaba owavela emanzini nangawo amanzi, kwadalwa ngezwi likaNkulunkulu,


Konke kwavela ngaye; akukho lutho olwadalwayo kukho konke okudaliweyo, olungavelanga ngaye.


njengokuba kulotshiwe ukuthi: “Ngikuqokile ukuba ube nguyise wezizwe eziningi” phambi kwalowo Nkulunkulu akholwa nguye, Yena ophilisa abafileyo, nobiza okungekho kube sengathi kukhona,


“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, Yena uyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla,


“Ufanele Wena Nkosi noNkulunkulu wethu ukwemukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba wadala izinto zonke, futhi zonke zikhona, zadalwa, ngokuthanda kwakho.”


Ekugcineni kwale mihla, ukhulume kithi ngeNdodana ayimise ukuba ibe yindlalifa yakho konke, futhi owadala ngayo izwe.


“Uyakukhuluma kanje kubo: ‘Onkulunkulu abangalenzanga izulu nomhlaba, bayakubhubha emhlabeni naphansi kwezulu.’ ”


Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba.


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odale lezo zinto na? Nguye okhipha amaviyo azo, awabale; azibize zonke ngamagama. Ngokuba unamandla amakhulu nezikhwepha zakhe zinkulu, yingakho kungasilele neyodwa.


bathi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu njengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo, owadala izulu nomhlaba nolwandle, nakho konke okukukho,


Isabelo sikaJakobe asifani nalaba, ngokuba nguye okubumbileyo konke; u-Israyeli uyisizwe nefa lakhe; nguSimakade Wamabandla igama lakhe.


Ngokuba wakhuluma, kwaba khona, wayaleza, kwama, kwagxila.


Kepha sikhuluma ukuhlakanipha kukaNkulunkulu okusemfihlakalweni efihliweyo, uNkulunkulu akumisela phambilini ukuba kube yinkazimulo yethu umhlaba ungakadalwa.


ngokuba kungcweliswa ngezwi likaNkulunkulu nomkhuleko.


banambitha izwi elihle likaNkulunkulu namandla ezwe elizayo;


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite