Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 11:13 - IsiZulu 2020

13 Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kodwa bezibonile, bazithakasela zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Bonke laba bafa bekholiwe, bengazamukeliswanga izithembiso, kepha bezibonile, bezithakazele zikude, bevumile ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Bonke laba bafela ekukholweni, bengazamukelanga izithembiso, kodwa bazibona zikude, bakholiswa ngazo, bavuma ukuthi bangabafokazi nezihambi emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 11:13
36 Referans Kwoze  

Ngokukholwa, washiya iGibhithe akaze alushaya nto yalutho ulaka lwenkosi, ngokuba wakhuthazela sengathi uyambona ongabonwayo.


“Simakade, yizwa umkhuleko wami, ubeke indlebe ekunxuseni kwami, izinyembezi zami mazingakuniki ukuthula. Ngokuba kuwe ngingumfokazi, isihambi, njengokhokho bami.


“Ngingowezizwe nomfokazi phakathi kwenu. Ngisikeleni indawo yokungcwaba ukuze ngifihle ithambo lomkami.”


U-Abhrahama, uyihlo, wathokoza ukuthi uzobona usuku lwami, walubona, wajabula.”


Bonke labo babenconyiwe ngokukholwa, nokho abasizuzanga isithembiso,


Ngakho-ke aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa seniyizakhamuzi kanye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu,


Ngokuba ngethemba sisindisiwe, kepha ithemba elibonwayo alisilo ithemba, ngokuba lokhu umuntu akubonayo usakwethembelani na?


Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo.


Uma nimbiza ngokuthi uBaba Yena owehlulela lowo nalowo ngokwemisebenzi yakhe engakhethi, ngakho-ke hambani ngokwesaba ngesikhathi nisaphila.


eqinisekile ukuthi lokho akwethembisile, unamandla okukwenza.


Kepha mina ngiyazi ukuthi uMhlengi wami uyaphila, ekupheleni uyakuma othulini.


Nkulunkulu, ngiyilindele ngokulangazelela insindiso yakho.


UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.”


U-Abhrahama wafa esemdala kakhulu, egculisekile yiminyaka ayiphilile, wangcwatshwa koyisemkhulu.


Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; inhliziyo yethu iyakuba neqholo phambi kwakhe.


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: baningi abaphrofethi nabalungileyo ababefisa ukubona lokhu enikubonayo, kodwa abakubonanga; nokuzwa lokhu enikuzwayo, kepha abakuzwanga.


Lapho uJakobe eseqedile ukukhuluma namadodana akhe, wagoqa izinyawo wazikhweza embhedeni, waphuma umphefumulo, wangcwatshwa nabakubo.


Ngingumfokazi emhlabeni, ungangifihleli imiyalo yakho.


“Ngiyambona, kodwa hhayi manje; ngiyambheka, kodwa akekho eduze. Kuyovela inkanyezi kuJakobe; intonga yobukhosi iyovuka kwa-Israyeli, iphohloze uMowabi nxazonke, ichithe amadodana kaSethi;


Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


U-Isaya wakusho lokho ngokuba ebona inkazimulo yeNkosi, futhi wakhuluma ngayo.


UJosefa wathi kubafowabo: “Sengizokufa mina, kodwa uNkulunkulu akasoze anilibala nakanye, uyonikhuphula kuleli lizwe, aniphindisele ezweni alethembisa ngesifungo ko-Abhrahama, no-Isaka, noJakobe.”


Bonke laba yizizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilokho uyise akukhuluma ngesikhathi ebabusisa, ebusisa yilowo nalowo ngesibusiso esimfaneleyo.


U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengizokufa, kodwa uNkulunkulu uzokuba nani, aniphindisele ezweni lokhokho benu.


Wazala indodana wayibiza ngokuthi nguGereshomu, ngokuba ethi: “Ngingumfokazi ezweni labezizwe.”


“ ‘Izwe aniyukulithengisa kuze kube phakade, ngokuba izwe lingelami, nina-ke ningabafokazi abagogobeleyo nami.


Thina asibheki okubonwayo, kodwa okungabonwayo; ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana, kepha okungabonwa kungokwaphakade.


Ngakho-ke sihlala sinesibindi, sazi ukuthi nxa ikhaya lethu lisesemzimbeni, sehlukene nekhaya eliseNkosini,


Ngokuba abasho kanjalo, babonakalisa ngokusobala ukuthi bafuna izwe lakubo.


Ngokukholwa, u-Abhrahama evivinywa wanikela ngo-Isaka, yebo, yena owayemukele izithembiso, wanikela ngozelwe yedwa wakhe,


UPhethro, umphostoli kaJesu Khristu, kwabakhethiweyo abayizihambi, abahlakazekele ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, e-Asiya naseBhithiniya,


U-Abhrahama wagogobala izinsuku eziningi ezweni lamaFilisti.


Wathi kuye: “Angiyukuhamba, kunalokho ngizosuka ngiye kwelakithi nasezihlotsheni zami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite