Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:38 - IsiZulu 2020

38 Kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa, kodwa uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyukuthokoza ngaye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

38 kepha olungileyo wami uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awunakuthokoza ngaye.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

38 Kepha olungileyo uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyikuthokoza ngaye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

38 Kepha olungileyo uyakuphila ngokukholwa; kepha uma ehlehla nyovane, umphefumulo wami awuyikuthokoza ngaye.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:38
24 Referans Kwoze  

Kusobala manje ukuthi akekho umuntu olungisiswa ngomthetho phambi kukaNkulunkulu, ngokuba olungileyo uzakuphila ngokukholwa.


ngokuba ukulunga kukaNkulunkulu kwambulwa kulo, kuvela ngokukholwa kuya ekukholweni, njengalokhu kulotshiwe ukuthi: “Olungileyo uzakuphila ngokukholwa.”


Bheka, uyazikhukhumeza, ingaphakathi lakhe aliqotho, kodwa olungileyo uzakuphila ngokukholwa kwakhe.


Ngizokuzwa lokho uNkulunkulu uSimakade azokusho, uzosho ukuthula kubantu bakhe, nakulabo abamesabayo. Mabangabuyeli ebuwuleni!


“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.


USimakade ujatshuliswa ngabamesabayo, labo abathembela emuseni wakhe.


kepha kanampande ngaphakathi; ulibamba nje okwesikhashana, kuthi lapho kufika ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke ngokushesha.


“Nansi inceku yami engiyikhethileyo, othandiweyo wami; umphefumulo wami uyathokoza ngaye. Ngiyakufaka uMoya wami kuye, amemezele ukwahlulelwa kwabezizwe.


“Lapho olungileyo eguquka ekulungeni kwakhe, enze okubi, bese ngibeka isikhubekiso phambi kwakhe, uyakufa. Uma ungamxwayisanga ngenxa yesono sakhe, uyakufa, kuthi izenzo zakhe ezilungileyo azenzile zingabe zisakhunjulwa, kodwa igazi lakhe ngiyakulibiza esandleni sakho.


Bona bayibulala iNkosi uJesu nabaphrofethi, basizingela nathi kanzima, bengamthokozisi uNkulunkulu, bemelana nabantu bonke,


“Sengathi bekungakhona omunye wenu ongavala izicabha, ukuze ningalibaseli ize e-althare lami! Angithokozi ngani, angiyukuwemukela umnikelo ezandleni zenu,” kusho uSimakade Wamabandla.


nabafulathelayo beyeka ukulandela uSimakade, nalabo abangamfunanga uSimakade, abangabuzanga kuye.


“Kepha-ke uma olungileyo ephenduka ekulungeni kwakhe, enze okubi, enze nazo zonke izinengiso ezenziwa yizikhohlakali, ngabe uyakuphila yini na? Impela zonke izenzo zakhe ezilungileyo azenzileyo akukho nesisodwa esiyakukhunjulwa, uyakufela eziphambekweni azenzileyo nasezonweni one ngazo.


ngokuba uSimakade uyathokoza ngabantu bakhe abathobekileyo, ubahlobisa ngensindiso.


Ngokuba Wena unguNkulunkulu ongabuthokozeli ububi; ububi abunakuhlala kuwe.


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


“Kuyakuthi lapho ngithi kolungileyo uyakuphila nokuphila, kodwa yena ethembele ekulungeni kwakhe, bese enza okubi; akusayukukhunjulwa ngisho nesisodwa sezenzo zakhe ezilungileyo, kepha uyakufela ebubini abenzileyo.


Kepha thina asisibo abokuhlehlela ekubhujisweni, kodwa singabokukholwa, kuze kube ngukusindiswa komphefumulo.


Nilahle ngecala, nambulala olungileyo ongakwazi ukumelana nani.


Ngizigcinile izindlela zikaSimakade; angikwenzanga okubi ngokufulathela uNkulunkulu wami.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite