Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:20 - IsiZulu 2020

20 ngendlela entsha nephilayo asivulela yona, edabula isihenqo, okungukuthi umzimba wakhe,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 ngendlela asivulela yona, indlela entsha ephilayo, edabula isihenqo, okungukuthi inyama yakhe,

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 ngendlela entsha nephilayo asimisele yona, edabula isihenqo, okungukuthi, inyama yakhe;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Ngendlela entsha nephilayo asimisele yona, edabula isihenqo, okungukuthi, inyama yakhe;

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:20
20 Referans Kwoze  

UJesu wathi: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami.


Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, aklabe edlelweni.


Emva kwesihenqo sesibili kwakukhona ithabanakeli okuthiwa ngelingcwelengcwele.


Ngalokho uMoya oNgcwele usicacisela kahle ukuthi indlela eya endaweni engcwelengcwele ayikabonakaliswa, inqobo nje uma kusekhona ithabanakeli lokuqala.


Leli themba sinalo linjengehange lomphefumulo, liqinile, ligxilile, lingena kokungaphakathi kwesihenqo,


Ngalokho-ke uJesu wabuye wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu.


UMoya kaNkulunkulu niyakumazi ngalokhu: bonke omoya abakuvumayo ukuthi uJesu Khristu uzelwe waba ngumuntu bangabakaNkulunkulu.


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


Ilanga lafiphala, isihenqo sethempeli sadabuka phakathi.


Isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusuka phezulu kuze kufike phansi.


Isihenqo sethempeli sadabuka kabili; kusukela phezulu kuze kufike phansi. Umhlaba wazamazama, amadwala aqhekezeka,


USimakade wathi kuMose: “Khuluma no-Aroni, umfowenu, ukuba angangeni noma nini endaweni engcwele emva kwesihenqo phambi kwesihlalo somusa esiphezu komphongolo, ukuze angafi, ngokuba ngiyabonakala efini phezu kwesihlalo somusa.”


Baningi abakhohlisi abaphumele ezweni; labo abangavumi ukuthi uJesu Khristu uze emhlabeni waba ngumuntu. Lowo osho kanjalo ungumkhohlisi nomphikukhristu.


Waqeda umthetho, imiyalo nezimiso, ukuze adale kuYena labo ababili, bahlangane babe muntu munye omusha, enze ukuthula.


Akayukungena esihenqweni, noma asondele e-althare, ngokuba ukhubazekile, ukuze angazihlambalazi izindawo zami ezingcwele; nginguSimakade obangcwelisayo.’ ”


Uyohlaba impongo ibe ngumnikelo wesono wabantu, alethe igazi layo ngaphakathi kwesihenqo, enze ngalo njengalokhu enzile ngegazi lenkunzi, alifafaze phezu kwesihlalo somusa naphambi kwaso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite