Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 10:10 - IsiZulu 2020

10 Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Khristu, kwaba kanye kuphela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kanye kuphela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

10 Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kwaba kanye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Ngaleyo ntando singcwelisiwe ngokunikelwa komzimba kaJesu Kristu kwaba kanye.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 10:10
25 Referans Kwoze  

Ngokuba ngamnikelo munye nje, ubaphelelise unomphelo labo abangcwelisiweyo.


Kodwa Yena, esenikele ngomhlatshelo kwaba kanye ngenxa yezono, wahlala phakade ngakwesokunene sikaNkulunkulu,


Abanye benu babenjalo, kodwa senahlanzwa, nangcweliswa, nalungisiswa ngegama leNkosi uJesu Khristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.


Akadingi, njengabanye abaphristi abakhulu, ukuba imihla ngemihla anikele ngemihlatshelo ngenxa yezono zakhe kuqala, bese kuba ngenxa yezabantu, ngokuba wakwenza lokho kwaba kanye mhla ezinikela Yena.


Ngenxa yabo ngiyazingcwelisa, ukuze nabo bangcweliswe ngeqiniso.


Ngakho-ke naye uJesu, ukuze angcwelise abantu ngegazi lakhe, wahlupheka ngaphandle kwesango.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


kanjalo noKhristu, wanikelwa kwaba kanye ukuba athwale izono zabaningi, uyakubonakala ngokwesibili engenasono, kulabo abamlindele ngokulangazelela, kube ngukusindiswa.


wangena kwaba kanye kuphela endaweni engcwele, hhayi ngegazi lezimbuzi nelamathole, kodwa ngegazi lakhe, esezuzile ukuhlengwa okuphakade.


owathwala izono zethu emzimbeni wakhe, emthini, ukuze kuthi sesifile ezonweni, siphile ekulungeni. Ngemivimbo yakhe naphiliswa,


ngendlela entsha nephilayo asivulela yona, edabula isihenqo, okungukuthi umzimba wakhe,


Ngalolo lusuku kuyakuvulwa umthombo oyakuhlanza izono nokungcola kwendlu kaDavide nabakhileyo eJerusalema.


Kungenjalo wayemelwe ukuhlupheka ngokuphindiweyo selokhu kwasekelwa umhlaba, kepha manje ubonakaliswe kwaba kanye ekupheleleni kwezikhathi, ukuba asuse izono ngokuzinikela kwakhe.


Ngakho-ke njengalokhu abantwana bahlanganyela igazi nenyama, naye uqobo wahlanganyela khona lokho, ukuze ngokufa kwakhe ambhubhise onamandla phezu kokufa; uSathane,


UJesu weza ngamanzi wabhabhadiswa, akubanga ngamanzi qha, kodwa kwaba nangegazi lakhe, lokhu noMoya oNgcwele uyafakaza ngalokho, ngokuba unguMoya weqiniso.


Kepha elinye lamabutho lamgwaza ngomkhonto ohlangothini, kwaphuma igazi namanzi ngokushesha.


Ngokuba ongcwelisayo nalabo abangcweliswayo bonke bavela koyedwa. Yingakho engenamahloni okubabiza ngokuthi ngabafowethu,


Ngalokho-ke esezakufika emhlabeni, uthi: “Umhlatshelo nomnikelo awuwuthandanga, kodwa ungilungisele umzimba.


Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”


nihambe othandweni, njengoba uKhristu wasithanda, wazinikela ngenxa yethu, ukuba abe ngumnikelo; umhlatshelo, nephunga elimnandi kuNkulunkulu.


ukuba alingcwelise, alihlambulule ngokuligeza ngamanzi, nangezwi,


Okwathi ngezinsuku esesemhlabeni wanikela ngemikhuleko, nangokunxusa, nangokukhala okukhulu, nangezinyembezi kulowo onamandla okumsindisa ekufeni; wezwakala ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


kakhulu kangakanani igazi likaKhristu, okwathi ngoMoya ophakade wazinikela kuNkulunkulu engenasici, lizakuhlanza unembeza wethu emisebenzini efileyo, ukuze sikhonze uNkulunkulu ophilayo.


Pho-ke nicabanga ukuthi singakanani isijeziso salowo obukele phansi iNdodana kaNkulunkulu, wadelela igazi lesivumelwano angcweliswa ngalo, wahlambalaza uMoya womusa, na?


UKhristu wahlupheka kwaba kanye ngenxa yezono; olungileyo ehluphekela abangalungile, ukuze aniyise kuNkulunkulu; wabulawa emzimbeni, kodwa waphiliswa kuMoya.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite