Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




KumaHeberu 1:8 - IsiZulu 2020

8 Kepha ngeNdodana, uthi: “Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, simi kuze kube phakade; nentonga yokulunga, iyintonga yombuso wakho.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha ngeNdodana uthi: “Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade naphakade; intonga yobuqotho iyintonga yombuso wakho.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kodwa eNdodaneni uthi: Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade laphakade, intonga yokulunga intonga yombuso wakho.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa eNdodaneni uthi: Isihlalo sakho sobukhosi, Nkulunkulu, singesaphakade laphakade, intonga yokulunga intonga yombuso wakho.

Gade chapit la Kopi




KumaHeberu 1:8
33 Referans Kwoze  

Mina noBaba simunye.”


okungababo okhokho, nadabuka kubo uKhristu ngokwenyama, Yena onguNkulunkulu ophezu kwakho konke, obongekayo kuze kube phakade. Amen.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Ngakho-ke iNkosi uqobo izokunika isibonakaliso: intombi izakukhulelwa, izale indodana, iyiqambe ngokuthi ngu-Imanuweli.


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Umbuso wakho ungumbuso kuze kube phakade, ubukhosi bakho busezizukulwaneni ngezizukulwane.


“Niyabona-ke, sengizakuthumela isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ethempelini layo ngokuphazima kweso; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bhekani, siyeza,” kusho uSimakade Wamabandla.


Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


Ngokuba Yena umelwe ukuba abuse, aze azibeke phansi kwezinyawo zakhe zonke izitha zakhe.


UThomase waphendula, wathi kuye: “Nkosi yami, Nkulunkulu wami!”


Kepha indlu yakwaJuda ngiyakuyizwela, ngibasindise ngoSimakade uNkulunkulu wabo, angiyukubasindisa ngomnsalo, ngenkemba, ngempi, ngamahhashi nangabagibeli bamahhashi.”


UNkulunkulu ka-Israyeli ukhulumile, iDwala lika-Israyeli lathi kimi: ‘Obusa abantu ngokulunga, abuse ngokwesaba uNkulunkulu,


Nkosi enamandla, mthandi wokulungileyo, uqinise ubuqotho, waphakamisa ubulungiswa nokulunga kwaJakobe.


Nokho izwe labakwa-Amoni awuzange usondele kulo, kusukela engxenyeni engenhla yomfula iJakobi, nemizi ekwelezintaba, njengakho konke uSimakade uNkulunkulu ayesiyale ngakho.”


Akuthandabuzwa ukuthi inkulu imfihlakalo yenkolo yethu yokuthi: Owabonakaliswa engumuntu nje, wafakazelwa nguMoya, wabonwa yizingelosi, washunyayelwa kwabezizwe, bakholwa nguye emhlabeni, wenyuselwa enkazimulweni.


AbaJuda bamphendula, bathi: “Asikukhandi ngamatshe ngenxa yomsebenzi omuhle, kodwa ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu, uzenza uNkulunkulu.”


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


UJeremiya wathi kuZedekiya: “Uma ngikutshela, awuyukungibulala nokungibulala na? Uma ngikweluleka, awuyukungilalela.”


KuSimakade zonke izizukulwane zika-Israyeli ziyolungisiswa, zibe nodumo.


Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza, kuvame ukuthula, ize ingabi bikho inyanga.


Uyakubusiswa ngaphezu kwezizwe zonke, akuyukuba bikho phakathi kwenu owesilisa ongenanzalo nowesifazane oyinyumba, naphakathi kwemfuyo yenu.


Ngokuba ngokwenza kanjalo, niyakuphiwa ilungelo elipheleleyo lokungena embusweni waphakade weNkosi yethu noMsindisi uJesu Khristu.


ngobungcwele nangokulunga phambi kwayo, zonke izinsuku zethu.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite