Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:55 - IsiZulu 2020

55 Animazi, kodwa Mina ngiyamazi. Uma ngingathi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

55 Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

55 Kodwa lina kalimazi; kepha mina ngiyamazi; uma ngithi angimazi, ngiyoba ngumqambimanga njengani; kepha ngiyamazi, ngiyaligcina izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

55 Kodwa lina kalimazi; kepha mina ngiyamazi; uma ngithi angimazi, ngiyoba ngumqambimanga njengani; kepha ngiyamazi, ngiyaligcina izwi lakhe.

Gade chapit la Kopi




Johane 8:55
25 Referans Kwoze  

Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?” UJesu waphendula, wathi: “Aningazi Mina kanjalo noBaba; ukuba beningazi Mina, beniyakumazi noBaba.”


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Lalela-ke, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane labo abazishaya abaJuda bengesibo, kodwa beqamba amanga. Ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa nanini.”


“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi ngaphakathi kuye. Ongakholwayo, umenze umqambimanga uNkulunkulu, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo.


Ngubani ongumqambimanga, uma kungesiye lowo ophika ukuthi uJesu unguKhristu na? Yilowo ongumphikukhristu, ophika uYise neNdodana.


Lo othi: “Ngiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, akanalo iqiniso.


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


Ngokuba ngithe ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ngisho ne-althare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWA. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho kanye lokhu engishumayela ngakho kini.


“Baba olungileyo, izwe alikwazanga, kodwa Mina ngikwazile, nalaba bazile ukuthi ungithumile.


Bayakukwenza lokho ngokuba bengamazanga uBaba nami.


Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.


njengalokhu uBaba engazi, nami ngiyamazi uBaba, ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu.


Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngingedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandekayo kuye.”


Lokho akusho ukuthi ukhona oseke wambona uBaba, ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu, nguYena ombonileyo uBaba.


Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.


Konke kunikelwe kimi nguBaba; akekho owaziyo ukuthi iNdodana ingubani, kuphela uYise, nokuthi uYise ungubani, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumembulela yena.”


“Izenzo zabo azibavumeli ukuba babuyele kuNkulunkulu wabo, ngokuba umoya wobufebe usezibilini zabo, futhi abamazi uSimakade.


“Bagobisele umnsalo wolimi emangeni, abaqinanga eqinisweni ezweni, ngokuba basuka kulobu bubi bedlulele kobunye; abangazi Mina,” kusho uSimakade.


“Yebo, abantu bami bayiziwula, abangazi; bangabantwana abayiziphukuphuku, abanakuqonda; bayizingcweti ekwenzeni okubi, abakwazi ukwenza okuhle.”


AbaJuda bathi kuye: “Manje sesiyazi ukuthi unedimoni. U-Abhrahama wafa, nabaphrofethi bafa, kepha wena-ke uthi: ‘Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akuzwa ukufa nanini.’


Uma sithi sinobudlelwane naye, kodwa sibe sisahamba ebumnyameni, siqamba amanga, asikwenzi okuyiqiniso.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite