Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:43 - IsiZulu 2020

43 Kwenziwa yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Yingokuba anifuni ukuzwa izwi lami.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

43 Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Aniqondi ngani ukukhuluma kwami na? ngoba anikwazi ukuzwa izwi lami.

Gade chapit la Kopi




Johane 8:43
18 Referans Kwoze  

Ngize egameni likaBaba, kepha aningemukeli; kodwa uma kuza omunye ezizela egameni lakhe, lowo niyakumemukela.


Uma umuntu efuna ukwenza intando kaNkulunkulu, uyakwazi ngemfundiso, ukuthi ivela kuNkulunkulu noma ngizikhulumela okwami nje.


“Nina bontamolukhuni, abangasokile ezinhliziyweni nasezindlebeni, nimelana njalo noMoya oNgcwele, nani nifuze okhokho benu.


Lapho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho, bathi: “Leli lizwi lilukhuni, pho ngubani ongaliqonda na?”


Babengazi ukuthi ukhuluma kubo ngoYise.


Ngiyokhuluma kubani, ngixwayise bani, ukuze balalele na? Bheka, izindlebe zabo ezingasokiwe azizwa, izwi likaSimakade seliphenduke ihlazo kubo, abathokozi ngalo.


Abantu ababi ababuqondi ubulungiswa, kodwa abafuna uSimakade, bakuqonda konke.


Kabazi, kabaqondi, ngokuba amehlo abo uwasilekile ukuze bangaboni, nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.


Yathi: “Hamba uthi kulaba bantu: “ ‘Yizwani, yizwani, kodwa ningaqondi; bonani, bonani, kodwa ningazi.’


“Kodwa aziyazi imicabango kaSimakade, aziwaqondi amasu akhe, ngokuba uziqoqele ndawonye esibuyeni njengezithungu zokusanhlamvu ezisikiwe.


Ngubani ohlakaniphileyo na? Uyakuziqonda lezi zinto. Ngubani onengqondo na? Uyakuzazi lezi zinto. Ngokuba izindlela zikaSimakade zilungile; abalungileyo bahamba ngazo, kodwa abaphambukayo bayakhubeka kuzo.


akekho onokuqonda, akekho ofuna uNkulunkulu;


ngokuba inhliziyo yalesi sizwe seyaba lukhuni; bezwa kanzima ngezindlebe, namehlo abo bawacimezile; funa babone ngamehlo, bezwe ngezindlebe, baqonde ngenhliziyo, baphenduke, ngibaphilise.’


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: isikhathi siyeza, sesifikile namanje, lapho abafileyo beyakulizwa iphimbo leNdodana kaNkulunkulu; abalizwayo bayakuphila.


Bamphendula, bathi: “Thina singabolibo luka-Abhrahama, asikaze sibe yizigqila zamuntu. Usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?”


Baphendula, bathi kuye: “Ubaba wethu ngu-Abhrahama.” UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abhrahama beniyakukwenza imisebenzi ka-Abhrahama.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite