Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:34 - IsiZulu 2020

34 UJesu wabaphendula, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo owenza isono, uyisigqila sesono.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

34 UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono.

Gade chapit la Kopi




Johane 8:34
16 Referans Kwoze  

Anazi yini ukuthi lowo enizinikela kuye ukuba nibe yizinceku ezimthobelayo, niyizinceku zalowo enimthobelayo; noma ezesono esiholela ekufeni, noma ezokuthobeka kube ngukulunga na?


Babathembisa inkululeko, kodwa bona luqobo bayizigqila zenkohlakalo, phela lokho okumehlulayo umuntu, uyisigqila sakho.


Isikhohlakali siyakubhajwa ekukhohlakaleni kwaso, sibhajwe yizintambo zesono saso.


Ngakho-ke isono masingabusi emzimbeni wenu ofayo, nize nithobele izinkanuko zawo,


Sazi lokhu ukuthi umuntu wethu omdala wabethelwa kanye naye esiphambanweni, ukuze umzimba wesono wenziwe ize, singabe sisakhonza isono,


Ngokuba nathi kade sasiyiziwula, singalaleli, sidukiswa, siyizigqila zezinkanuko nokutamasa okunhlobonhlobo, siphila ebubini, sinomona, sizondwa futhi sizondana.


lezi enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli lizwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osebenza kubantwana bokungalaleli,


Kepha makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Khristu iNkosi yethu. Ngakho-ke mina ngokwami ngikhonza umthetho kaNkulunkulu ngengqondo, kodwa umthetho wesono ngomzimba.


Kepha-ke akubanga bikho omunye owafana no-Ahabi owazithengisa, wenza okubi phambi kukaSimakade, edudwa nguJezebheli, umkakhe.


nayo indalo uqobo iyakukhululwa ebugqileni bokubhubha, ikhululelwe enkazimulweni yabantwana bakaNkulunkulu.


Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya, kodwa mina ngingumuntu othengisiwe phansi kwesono.


ngokuba ngiyabona ukuthi ugcwele umona futhi uyisigqila sobubi.”


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: uma umuntu engazalwa kabusha, ngeke awubone umbuso kaNkulunkulu.”


Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: kuyokwedlula izulu nomhlaba, kodwa akusoze kwadlula nalinye igama, nasicashana sinye somthetho, kuze kufezeke konke.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite