Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:29 - IsiZulu 2020

29 Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngingedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandekayo kuye.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Ongithumileyo unami; uBaba akangishiyanga ngedwa; ngoba mina ngenza njalo okumthokozisayo.

Gade chapit la Kopi




Johane 8:29
25 Referans Kwoze  

Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


Isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngedwa, nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.


UJesu wathi kubo: “Ukudla kwami kungukuba ngenze intando yongithumileyo, nokuba ngiwuphothule umsebenzi wakhe.


Uma niyigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokhu nami ngiyigcinile imiyalo kaBaba, ngihlala othandweni lwakhe.


“Mina angenzi lutho ngokwami, ngehlulela njengokuba ngizwa, futhi ukwehlulela kwami kuqotho, ngokuba angifuni yona eyami intando, kodwa intando yongithumileyo.


“Bheka, inceku yami engiyesekayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; ngibekile umoya wami phezu kwakhe, uyakwenzela izizwe ubulungiswa.


Noma ngehlulela, ukwehlulela kwami kungokweqiniso, ngokuba angingedwa, kodwa yiMina nongithumileyo.


Bantwana bami, nginilobela lokhu ukuze ningoni. Kepha uma umuntu ona, sinoMmeli osimela kuYise, uJesu Khristu olungileyo.


Kepha iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, kuthi bonke abezizwe bayizwe, futhi ngakhululwa emlonyeni wengonyama.


kepha ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, nokuthi ngenza njengalokhu uBaba engiyalile. “Sukumani, sihambe lapha.”


Ngikukhazimulisile emhlabeni, ngiwufezile umsebenzi onginike wona ukuba ngiwenze.


Esakhuluma, kwafika ifu elikhanyayo labemboza, kwezwakala izwi livela efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yilaleleni.”


Kwase kuzwakala izwi ezulwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo.”


“Mina Simakade ngikubize ngokulunga, ngiyokubamba ngesandla sakho, ngikulondoloze, ngiyokwenza ube yisivumelwano sabantu, nokukhanya kwabezizwe,


Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.


Kwaba kuhle kuSimakade ngenxa yokulunga kwakhe, ukuba aphakamise umthetho wakhe, awenze uhlonipheke.


Ngokuba umphristi omkhulu onjengaye usifanele thina; ongcwele, ongenacala, ongenasici, owehlukanisiwe kwabayizoni, owenziwe waphakama phezu kwamazulu.


INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa ube nani.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Vuma manje, ngokuba kusifanele ukugcwalisa kanjalo ukulunga konke.” Ngakho-ke wamvumela.


nalokho esikucelayo Yena uyakusamukelisa khona, ngokuba siyigcina imiyalo yakhe, futhi senza okuthandekayo kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite