Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 8:26 - IsiZulu 2020

26 Nginokuningi engingakusho ngani nenginganehlulela ngakho, kodwa ongithumileyo uqinisile, nami lokho engikuzwa kuye, ngikukhuluma ezweni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Nginokuningi engingakusho nokwahlulela ngani; kepha ongithumileyo uqinisile; futhi ngikhuluma emhlabeni lokho engikuzwile kuye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Nginokuningi engingakusho nokwahlulela ngani; kepha ongithumileyo uqinisile; futhi ngikhuluma emhlabeni lokho engikuzwile kuye.

Gade chapit la Kopi




Johane 8:26
17 Referans Kwoze  

Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa yinkosi yayo, kodwa nginibize ngabangani ngokuba konke engikuzwile kuBaba, nginazisile khona.


Kepha manje nifuna ukungibulala, Mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu. U-Abhrahama akakwenzanga lokho.


Ngokuba amazwi ongiphe wona, ngibaphile wona, bawamukela; bazi impela ukuthi ngavela kuwe, futhi bakholwa ukuthi ngithunywe nguwe.


Ngakho-ke uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi Mina, futhi niyazi nokuthi ngivela kuphi. Kepha angizizelanga Mina, kodwa lowo ongithumileyo, uqinisile, eningamaziyo nina.


Kepha njengalokhu uNkulunkulu ethembekile, izwi lethu kini alisiye uyebo noqhabo.


“Kusekuningi enginganitshela khona, kodwa manje ningekuthwale.


UJesu wabaphendula, wathi: “Imfundiso yami akusiyona eyami, kodwa ngeyongithumileyo.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo, kodwa anibemukeli ubufakazi bethu.


Base bethi kuye: “Kanti Wena ungubani na?” UJesu waphendula, wathi kubo: “Ngiyilowo ebenginitshela ngaye kusukela kwasekuqaleni.


Babengazi ukuthi ukhuluma kubo ngoYise.


UJesu wamphendula, wathi: “Ngikhulumile esidlangalaleni ezweni. Ngezikhathi zonke, bengifundisa esinagogeni nasethempelini, lapho kubuthana khona bonke abaJuda, angikhulumanga lutho ngasese.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite