Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 7:31 - IsiZulu 2020

31 Kepha abaningi esixukwini bakholwa nguye, bathi: “Ngabe uKhristu nxa esefikile uyakwenza izimangaliso eziningi ezedlula azenzileyo lo na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Kepha esixukwini abaningi bakholwa nguye, bathi: “UKristu, nxa esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezo azenzileyo lona na?”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

31 Abaningi esixukwini bakholwa kuye, bathi: “Nxa uKristu esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezi azenzileyo lona na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Abaningi esixukwini bakholwa kuye, bathi: “Nxa uKristu esefikile, uyakwenza izibonakaliso eziningi kunalezi azenzileyo lona na?

Gade chapit la Kopi




Johane 7:31
19 Referans Kwoze  

Nokho-ke nakuba kunjalo, ababusi abaningi bakholwa kuye, kodwa ngenxa yabaFarisi abamvumanga esidlangalaleni, funa baxoshwe esinagogeni,


Zonke izixuku zamangala kakhulu, zathi: “Lo akusiyo yini indodana kaDavide na?”


USimoni naye wakholwa; esebhabhadisiwe wamlandela uFiliphu, emangaliswa izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyayenzeka.


Ngakho abaJuda abaningi ababeze kuMariya bebona akwenzileyo, bakholwa kuye.


Ngakho-ke abanye kubaFarisi bathi: “Lo muntu akaveli kuNkulunkulu, ngokuba akawuhloniphi umthetho wesabatha.” Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwehlukana phakathi kwabo.


Ngokuba njengalokhu umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokukholwa ngaphandle kwemisebenzi kufile.


ngokuba ngenxa yakhe, abaningi babaJuda base behlubukile bakholwa kuJesu.


Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibone izibonakaliso ayezenza kulabo abagulayo.


AmaSamariya amaningi alowo muzi akholwa kuJesu ngenxa yezwi lowesifazane owafakaza, wathi: “Ungitshele konke engikwenzileyo.”


Lo weza kuJesu ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovela kuNkulunkulu, ngokuba akekho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”


Lesi kwakuyisibonakaliso sokuqala uJesu asenza eKhana eGalile, ebonakalisa inkazimulo yakhe. Abafundi bakhe bakholwa nguye.


Abasedwaleni, yilabo okuthi lapho belizwa izwi, balamukele ngokuthokoza, kodwa laba kabanampande, bayakholwa isikhashana, kuthi uma kufika isikhathi sokulingwa bahlubuke.


“Wozani nizobona umuntu ongitshele konke engikwenzileyo. Ngabe lona akusiye uKhristu na?”


Nangu nje ukhuluma esidlangalaleni, kodwa abasho nolunci kuye. Ngabe mhlawumbe ababusi bayazi ngokweqiniso ukuthi lo muntu unguKhristu na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite