Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 7:30 - IsiZulu 2020

30 Ngakho-ke bafuna ukumbopha, kodwa akukho namunye owamubamba, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Ngakho bafuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

30 Base befuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Base befuna ukumbamba, kepha akubangakho owambeka isandla, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

Gade chapit la Kopi




Johane 7:30
22 Referans Kwoze  

Ngakho-ke bafuna ukumbamba, kodwa waphunyuka ezandleni zabo.


Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo, efundisa ethempelini kodwa akukho muntu owambophayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.


Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Isikhathi sami asikafiki, kodwa esenu sihlale silungile njalo.


AbaFarisi bezwa isixuku sivungazela ngaye ngalokho; abaphristi abakhulu nabaFarisi base bethumela izinceku ukuba zimbophe.


Abaphristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo ukuthi ukuphi, ababikele, ukuze bambambe.


Kufanele senze imisebenzi yongithumileyo kusesemini; buyeza ubusuku lapho kungekho ongasebenza khona.


Base becosha amatshe ukuze bamkhande ngawo, kodwa uJesu wafihlakala kubo, waphuma ethempelini.


Ngiyazi ukuthi ningabolibo luka-Abhrahama, kodwa nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami alinandawo kini.


UMose akaninikanga yini uMthetho na? Nokho akekho kini ogcina uMthetho. Pho kungani nifuna ukungibulala na?”


Nina khuphukelani emkhosini. Mina angiyi kulo mkhosi, ngokuba isikhathi sami asikapheleli.”


Benginani imihla ngemihla ethempelini, anelulanga zandla ukuba nimelane nami, kepha manje yithuba lenu leli, namandla obumnyama.”


Izazimthetho nabaphristi bafuna ukumbamba ngezandla khona lapho, kodwa besaba abantu, ngokuba babazi ukuthi ukhulume lo mzekeliso ewuqondise kubo.


Abaphristi abakhulu nezazimthetho bakuzwa lokho, bafuna ukuthi bangambhubhisa kanjani, ngokuba babemesaba, kwazise izindimbane zabantu zazimangaliswa ngukufundisa kwakhe.


Bafuna ukumbamba, kodwa besaba izixuku, ngokuba zazithi ungumphrofethi.


owamemezela phambilini okuyakuza, nasendulo izinto ezingakenziwa, ethi: ‘Icebo lami liyakuma, ngiphumelelise yonke intando yami, ngifeze zonke izimfiso zami,


Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa, insalelo yolaka uyakuyibhinca.


AbaJuda bacosha amatshe futhi, ukuze bamkhande ngawo.


AbaFarisi baphuma, bafakana imilomo ukuthi bangambhubhisa kanjani.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite