Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 7:3 - IsiZulu 2020

3 Abafowabo bakaJesu, bathi kuye: “Suka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi yakho oyenzayo.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi oyenzayo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Base bethi kuye abafowabo: “Muka lapha, uye eJudiya, ukuze nabafundi bakho babone imisebenzi oyenzayo.

Gade chapit la Kopi




Johane 7:3
17 Referans Kwoze  

Kwathi uJesu esakhuluma nezixuku, unina nabafowabo bema ngaphandle befuna ukukhuluma naye.


Phela ngisho abafowabo imbala babengakholwa nguye.


Wayesesukuma uPhethro nabali-11, waphakamisa izwi lakhe, wathi kubo: “Madoda akwaJuda nani nonke enakhileyo eJerusalema, makwazeke lokhu kini, ngipheni indlebe, nilalele amazwi ami.


Kepha lapho abafowabo sebenyukele emkhosini, naye-ke wenyuka, hhayi ngokusobala kodwa isinyenyela.


Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku.


Kwase kufika unina kaJesu nabafowabo, bema ngaphandle, base bethumela kuye ukuba ayobizwa.


Abafowenu nabendlu kayihlo nabo bakukhohlisile, bamemeza bekhala emva kwakho; ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”


U-Eliyabe, umfowabo omdala, wezwa lapho ekhuluma kubantu; intukuthelo ka-Eliyabe yamvuthela uDavide, wathi: “Wehleleni na? Uzishiye nobani leziya zimvu ezingengakanani ehlane? Ngiyakwazi ukuziphakamisa kwakho nobubi benhliziyo yakho, wehlile ukuba uzobona impi.”


Wozani siyibulale, siyiphonse komunye wemigodi, bese sithi kubaba: ‘Udliwe yisilwane esibi sasendle,’ sibone-ke ukuthi amaphupho akhe ayofika kuphi.”


Abakubo, sebekuzwile lokho, baphuma ukuyomthatha, ngokuba bathi usangene.


UJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni.


Lapho abaningi kubafundi bakhe bekuzwa lokho, bathi: “Leli lizwi lilukhuni, pho ngubani ongaliqonda na?”


Kusukela lapho, abaningi kubafundi bakhe babuyela emuva, ababe besahamba naye.


Ngokuba akukho muntu owenza utho ekusithekeni, ebe yena uqobo efuna ukwaziwa. Uma wenza lezi zinto, zibonakalise ezweni.”


Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bami ngaphandle, bafuna ukukubona.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite