Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:47 - IsiZulu 2020

47 “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwayo unokuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

47 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwayo unokuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

47 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

47 Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi unokuphila okuphakade.

Gade chapit la Kopi




Johane 6:47
15 Referans Kwoze  

Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni.


Okholwa yiyo akehlulelwa, kodwa ongakholwa, usevele wehlulelwe, ngokuba engakholwanga eNdodaneni kaNkulunkulu ezelwe yodwa.


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.


Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”


kungesikhathi eside, izwe ngeke lisangibona, kepha nina niyangibona, ngokuba ngiyaphila, nani nizakuphila.


Ningasebenzeli ukudla okuphelayo, kepha ukudla okuhlala kuze kube ngukuphila okuphakade, eyakunipha khona iNdodana yomuntu, ngokuba uYise uNkulunkulu ubekile uphawu lwakhe kuyo.”


Lesi yisinkwa esehla ezulwini ukuze umuntu osidlayo angafi.


Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”


Lesi yisinkwa esehla ezulwini, asinjengaso esadliwa ngokhokho benu, bafa. Odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.”


nalowo ophilayo, akholwe yimi, akasoze afa nanini. Uyakukholwa yilokho na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite