Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:45 - IsiZulu 2020

45 Kulotshiwe kubaphrofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo omzwile uBaba, wafunda, uza kimi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

45 Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: ‘Bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu.’ Yilowo nalowo ozwile kuBaba, wafunda, uyeza kimi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

45 Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Futhi bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Ngakho wonke umuntu ozwile kuBaba wafunda kuBaba uyeza kimi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

45 Kulotshiwe kubaprofethi ukuthi: Futhi bonke bayakuba ngabafundiswe nguNkulunkulu. Ngakho wonke umuntu ozwile kuBaba wafunda kuBaba uyeza kimi.

Gade chapit la Kopi




Johane 6:45
24 Referans Kwoze  

Bonke abantwana bakho bayakufundiswa nguSimakade, kube nokuthula okukhulu kubantwana bakho.


“Yilesi sivumelwano engizakusenza nabo, emva kwalezo zinsuku, kusho iNkosi. Ngiyakufaka imithetho yami ezinhliziyweni zabo, ngiyiqophe engqondweni yabo,


Kepha mayelana nothando lobuzalwane anidingi ukuba nilotshelwe ngalokho, ngokuba nina luqobo nifundisiwe nguNkulunkulu ukuba nithandane.


Izizwe eziningi ziyakufika zithi: “Wozani, masikhuphukele entabeni kaSimakade, nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise ezindleleni zakhe, size sikwazi ukuhamba emikhondweni yakhe, ngokuba eZiyoni kuyakuvela umthetho, nezwi likaSimakade eJerusalema.


Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.


Wayesethi: “Yingakho-ke ngithe kini: akekho ongeza kimi uma engakuphiwe lokho nguBaba.”


Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle.


Esakhuluma, kwafika ifu elikhanyayo labemboza, kwezwakala izwi livela efwini, lithi: “Lo uyiNdodana yami ethandekayo, engithokozile ngayo; yilaleleni.”


ukuba uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Khristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa, ukuze nimazi kangcono Yena,


Izimvu zami ziyalizwa iphimbo lami; ngiyazazi, ziyangilandela.


Wabasondeza kuye abali-12, wathi kubo: “Lalelani, sikhuphukela eJerusalema; konke okulotshwe ngabaphrofethi maqondana neNdodana yomuntu, kuzakugcwaliseka.


njengalokhu yakhuluma ngomlomo wabaphrofethi bayo abangcwele selokhu kwadabuka umhlaba,


Kunjengalokhu kulotshiwe encwadini kamphrofethi u-Izaya, ukuthi: “Bheka, ngithuma isithunywa sami phambi kwakho, esiyakulungisa indlela yakho;


“Konke ngikunikwe nguBaba. Akekho owazi iNdodana, kuphela uYise, futhi akekho owazi uYise, kuphela iNdodana, nalowo iNdodana ethanda ukumambulela.


Kepha uNkulunkulu wabafulathela, wabanikela ukuba bakhonze ibandla lezulu, njengokuba kulotshiwe encwadini yabaphrofethi, ukuthi: “ ‘Nanginika yini imihlatshelo neminikelo iminyaka engamashumi amane nisehlane, nina ndlu ka-Israyeli na?


Ngakho-ke qaphelani, funa nehlelwe ngokwashiwo ngabaphrofethi abathi:


Thina sonke esipheleleyo masibe nokuqonda okunjalo. Kepha uma kwenzeka niba nokuqonda okwehlukileyo, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,


Nina-ke, ugcobo enalwamukela kuye luhlala kini, anidingi ukuba anifundise, kodwa lokho kunigcoba kwakhe yikhona okunifundisayo ngakho konke; kuyiqiniso, akusiwo amanga, njengalokhu-ke kunifundisile, hlalani kuye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite