Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:39 - IsiZulu 2020

39 Manje yilena intando yongithumileyo, ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa nangokukodwa kukho, kodwa ngikuvuse ngomhla wokuphela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Lokhu kuyintando yongithumileyo ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngomuhla wokuphela.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

39 Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Nalokhu kuyintando kaBaba ongithumileyo, ukuba konke anginike khona ngingalahlekelwa lutho kukho, kodwa ngikuvuse ngosuku lokugcina.

Gade chapit la Kopi




Johane 6:39
29 Referans Kwoze  

Ngesikhathi ngisenabo emhlabeni, ngibalondile egameni lakho labo onginike bona. Ngibalondile, akwalahleka namunye kubo, kuphela lowo owayemiselwe ukulahlwa, ukuze kugcwaliseke umbhalo.


Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”


ukuze kugcwaliseke izwi alishoyo, wathi: “Kulabo ongiphe bona, angilahlekelwanga namunye.”


Lowo odla inyama yami, aphuze igazi lami, unokuphila okuphakade; ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.


Akekho ongeza kimi, uma uBaba ongithumileyo engamdonseli kimi. Mina-ke ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.


Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle.


UJuda, inceku kaJesu Khristu nomfowabo kaJakobe, kubo bonke ababiziweyo nabathandiweyo bakaNkulunkulu uYise, nabagciniwe kuJesu Khristu.


Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, lowo owamvusa uKhristu uJesu kwabafileyo uyakuyiphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.


“Ungesabi, mhlambi omncane, ngokuba kuyintando kaYihlo ukuba aninike umbuso.


Kanjalo-ke, akusiyo intando kaYihlo osezulwini ukuba kubhubhe noyedwa kulaba abancinyane.


Nina nilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa, kube yinsindiso eyakwambulwa ngesikhathi sokugcina;


Lowo ongalayo, engawemukeli amazwi ami, unomehlulelayo; izwi engalikhulumayo, yilo eliyakumehlulela ngomhla wokuphela.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


“Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa iphimbo layo,


Noma kusukuma umuntu ukuba akuxoshe efuna impilo yakho, umphefumulo wenkosi yami uyobe uboshiwe emshuqulwini wabaphilayo kuSimakade uNkulunkulu wakho. Imiphefumulo yezitha zakho uyakuyijikijela kungathi iphakathi kwendwayimana.


Ngiyakumisa phezu kwayo abelusi, abayakuyelusa; ayisayukwesaba, ayisayukuba naluvalo, futhi ayisekho eyolahleka kuyo,” kusho uSimakade.


Ngiqinisile ngithi kini: kuyakuba ngcono eSodoma naseGomora ngosuku lokwehlulelwa kunakulowo muzi.”


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


“Ngilibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasemhlabeni. Babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


Ngiyabakhulekela; angikhulekeli umhlaba, kodwa kuphela labo ongiphe bona, ngokuba bangabakho.


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.


UNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe.


Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uyakuthethelelwa zona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite