Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:37 - IsiZulu 2020

37 Konke uBaba angipha khona, kuyakuza kimi; lowo ozayo kimi, angisoze ngamlahla ngaphandle.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

37 Konke angipha khona uBaba kuyakuza kimi; ozayo kimi angisoze ngamlahlela ngaphandle.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

37 Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

37 Bonke uBaba anginika bona bayakuza kimi; futhi ozayo kimi angisoze ngamlahlela phandle.

Gade chapit la Kopi




Johane 6:37
30 Referans Kwoze  

“Zanini kimi, nina nonke enikhatheleyo nenisindwayo, ngizakuniphumuza.


Manje yilena intando yongithumileyo, ukuba konke angiphe khona ngingalahlekelwa nangokukodwa kukho, kodwa ngikuvuse ngomhla wokuphela.


“Baba, ngithanda ukuba labo ongiphe bonababe nami lapho ngikhona, ukuze bayibone inkazimulo yami ongiphe yona, ngokuba wangithanda umhlaba ungakasekelwa.


“Ngilibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasemhlabeni. Babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.


Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.


Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi siqinile, sinalolu phawu oluthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKhristu makadede kukho ukungalungi.”


Kepha ngahawukelwa ngalokhu ukuze uKhristu uJesu akubonakalise kimi engingesikhulu isoni, konke ukubekezela kwakhe, ngibe yisibonelo kulabo abazakukholwa kuye, baze babe nokuphila okuphakade.


Umhlanga ofecekileyo akayukuwaphula, umongo othunqanyo akayukuwucima, uyakwenza ukwehlulela ngokweqiniso.


Wayesethi: “Yingakho-ke ngithe kini: akekho ongeza kimi uma engakuphiwe lokho nguBaba.”


wena engikuthathe emikhawulweni yomhlaba, ngakubiza emajukujukwini awo, ngathi kuwe: ‘Wena uyinceku yami, ngikukhethile, angikulahlanga.’


Kepha umthetho wangena ukuze kwande isiphambeko, kodwa lapho kuvama khona isono, kwavama kakhulu umusa ngokwedlulele,


UMoya nomakoti bathi: “Woza!” Nozwayo makathi: “Woza!” Nowomileyo makeze; othandayo makathabathe amanzi okuphila ngesihle.


Bahlubukile kithi, kwazise bebengesibo abakithi, ngokuba uma bebengabakithi bebezohlala nathi. Kepha basihlamukile ukuze babonakalise ukuthi bonke abasibo abakithi.


Ngakho-ke unamandla okusindisa ngokupheleleyo laba abeza kuNkulunkulu ngaye, lokhu ephila ukuba abamele njalo.


Ngokuba kuyakuvela okhristu mbumbulu nabaphrofethi bamanga. Bayakuveza izibonakaliso ezinkulu nezimangaliso, ukuze badukise, uma kungenzeka, abakhethiweyo.


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Wawunaka umkhuleko wabangenalutho, akaze awedelela umthandazo wabo.


Ngokuba nina nabelwe ngenxa kaKhristu, hhayi nje ukuba nikholwe kuye, kodwa nokuba nihlupheke ngenxa yakhe,


Angisekho emhlabeni kodwa bona basemhlabeni. Baba ongcwele, bagcine egameni lakho, labo ongiphe bona, ukuze babe munye njengathi.


Baphendula, bathi kuyo: “Wena wazalelwa esonweni ngokupheleleyo, wena usufundisa thina na?” Base beyikhiphela ngaphandle kwesinagoge.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite