Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 6:32 - IsiZulu 2020

32 Ngakho-ke uJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: kwakungeyena uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa nguBaba onipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Kwakungesiye uMose owanipha isinkwa esivela ezulwini, kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 UJesu wayesethi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: UMose akaninikanga leso sinkwa esivela ezulwini; kodwa uBaba unipha isinkwa soqobo esivela ezulwini.

Gade chapit la Kopi




Johane 6:32
14 Referans Kwoze  

“Mina ngingumvini woqobo, uBaba ungumlimi.


Lesi yisinkwa esehla ezulwini, asinjengaso esadliwa ngokhokho benu, bafa. Odla lesi sinkwa uyakuphila phakade.”


USimakade wayesethi kuMose: “Bheka, ngizonisela kini isinkwa esivela ezulwini, abantu bazophuma nsuku zonke babuthe esanele lolo lusuku. Ngaleyo ndlela ngizobavivinya ukuthi bazowugcina yini umthetho wami noma qha.


Kepha lapho sesifikile isikhathi esimisiweyo, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe, eyazalwa ngowesifazane, izelwe phansi komthetho,


Ngokuba inyama yami ingukudla isibili, negazi lami liyisiphuzo isibili.


Lesi yisinkwa esehla ezulwini ukuze umuntu osidlayo angafi.


Ngalokho-ke abaJuda bakhononda ngoJesu, ngokuba ethe: “Ngiyisinkwa esehle ezulwini.”


UJesu wathi kubo: “Mina ngiyisinkwa sokuphila. Ozayo kimi akasoze alamba, nalowo okholwa yimi akasoze oma.


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.”


Kwakungukukhanya kweqiniso, okukhanyisa bonke abantu, okwase kuza ezweni.


Nokho wayala amafu, wavula iminyango yezulu,


UMose wayesethi: “Lapho uSimakade enipha inyama ukuba nidle kusihlwa, nesinkwa esanele ekuseni, kungokuba uSimakade ekuzwile enikhononda ngakho ngaye, thina-ke besingobani? Ukukhononda kwenu anikubhekisile kithi, kodwa kuSimakade.”


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Okhokho bethu badla imana ehlane njengalokhu kulotshiwe ukuthi: ‘UNkulunkulu wabapha isinkwa esivela ezulwini ukuba badle.’ ”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite