Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 5:3 - IsiZulu 2020

3 Kwakulala kuyo izinkumbi zabagulayo: izimpumputhe, izinyonga, nabafe uhlangothi. Babelindele ukuzanyazanyiswa kwechibi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Kwakulele kuyo abagulayo abaningi kakhulu, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

3 Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Kwakulele kuyo isixuku esikhulu sabagulayo, izimpumputhe, nezinyonga, nabashwabeneyo, belindele ukuzanyazanyiswa kwamanzi.

Gade chapit la Kopi




Johane 5:3
12 Referans Kwoze  

UJesu waphendula, wathi kuwo: “Hambani nilandise uJohane ngalokho enikubonileyo nenikuzwileyo, nithi: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli.


Isixuku esikhulu seza kuye silethe izinyonga, izimpumputhe, izimungulu, izilima, nabanye abaningi. Bababeka ngasezinyaweni zakhe; wabaphulukisa.


“Maye, kumelusi ongenamsebenzi, oshiya umhlambi wezimvu! Inkemba iyakumlimaza ingalo neso lakhe langakwesokunene. Ingalo yakhe iyakushwabana, neso lakhe lingaboni lutho!”


Kuhle ukulindela ngokuthula ukusindisa kukaSimakade.


Ngakho-ke bazalwane, bekezelani, kuze kufike iNkosi. Bhekani, umlimi uyalindela isithelo somhlabathi esiyigugu. Uyasibekezelela, size sithole imvula yokuqala neyakamuva.


Kepha uma sithemba lokho esingakuboniyo, siyakulindela ngokubekezela.


Ubusisiwe umuntu ongilalelayo, alinde imihla ngemihla emasangweni ami, ahlale ngasezinsikeni zeminyango yami.


Kwathi ukuba inkosi ikuzwe lokho okwashiwo ngumuntu kaNkulunkulu nge-althare eBhethele, uJerobhowamu waphakamisa isandla sakhe ese-althare, wathi: “Mbambeni.” Kepha isandla asiphakamisayo sashwabana akabe esakwazi ukusifinyeza.


Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.


Kwakukhona-ke eJerusalema, ngaseSangweni Lezimvu, ichibi ngesiHebheru elibizwa ngokuthi iBhethzatha, linemipheme emihlanu.


Ingelosi kaNkulunkulu yayehla ngezikhathi ezithile, ifike izamazamise ichibi, bese kuthi lowo ongene kuqala emva kokuzanyazanyiswa kwalo, asinde esifweni esimphetheyo, noma ngabe sifo sini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite