Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 4:6 - IsiZulu 2020

6 Kwakukhona umthombo kaJakobe lapho. Ngakho-ke uJesu esekhathele ukuhamba, wahlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Wawukhona lapho umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wayesehlala ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.

Gade chapit la Kopi




Johane 4:6
12 Referans Kwoze  

Ngokuba asinaye umPhristi omkhulu ongenakuzwelana nobuthakathaka bethu, kodwa lowo olingiwe kukho konke njengathi, ebe engenasono.


Ngakho kwamfanela ukuba abe njengabafowabo kukho konke, ukuze abe ngumphristi omkhulu onozwelo nothembekileyo kokukaNkulunkulu, kube yinhlawulo yezono zabantu.


Nakho-ke sekuvuka isiphepho esikhulu olwandle, isikebhe saze sambozwa ngamagagasi, kodwa uJesu wayelele.


Kusukela ngehora lesithupha, kwaba mnyama ezweni lonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Kwathi esezile ukudla izinsuku ezingama-40 nobusuku obungama-40, ekugcineni walamba.


Ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu uKhristu ukuthi, ngenxa yenu waba mpofu nakuba ayecebile, ukuze ngobuphofu bakhe nina nicebe.


UJesu waphendula, wathi: “Imini ayinawo yini amahora ali-12 na? Uma umuntu ehamba emini akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli lizwe.


UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Wazibula ngendodana, wayisonga ngendwangu, wayilalisa emkhombeni, ngokuba beswela indawo endlini yezihambi.


Ngakho-ke wafika eSamariya emzini okuthiwa yiSikhari, eduze nesiqinti uJakobe asinika uJosefa, indodana yakhe.


Kwafika owesifazane waseSamariya ezokukha amanzi. UJesu wathi kuye: “Ake ungiphuzise.”


Ngabe Wena umkhulu yini kunokhokho wethu uJakobe owasipha lo mthombo, waphuza kuwo, yena namadodana akhe nemihlambi yakhe na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite