Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 4:22 - IsiZulu 2020

22 Nina nikhonza eningakwaziyo, kodwa thina sikhonza esikwaziyo, ngokuba insindiso ivela kubaJuda.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Nina nikhuleka kweningakwaziyo, thina sikhuleka kwesikwaziyo; ngokuba insindiso ivela kubaJuda.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

22 Nina nikhuleka eningakwaziyo; thina esimkhonzayo siyakwazi, ngokuba ukusindiswa kuvela kumaJuda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Nina nikhuleka eningakwaziyo; thina esimkhonzayo siyakwazi, ngokuba ukusindiswa kuvela kumaJuda.

Gade chapit la Kopi




Johane 4:22
20 Referans Kwoze  

Ngokuba ngithe ngihamba ngibuka izinto enizikhonzayo, ngafumana ngisho ne-althare okulotshwe kulo ukuthi: ELIKANKULUNKULU ONGAZIWA. Lokho-ke enikukhonza ningakwazi, yikho kanye lokhu engishumayela ngakho kini.


Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.


Kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke; kuqalwe eJerusalema.


Ngalokho uNkulunkulu wazithalalisa izikhathi zokungazi, kodwa manje usememezela kubantu ukuba bonke ezindaweni zonke baphenduke,


Uzwakalisa izwi lakhe kuJakobe, izimiso zakhe nezehlulelo zakhe, ku-Israyeli.


Kusobala ukuthi iNkosi yethu ivele kuJuda, isizwe uMose angakhulumanga lutho ngaso mayelana nobuphristi.


Thokoza kakhulu ndodakazi yaseZiyoni, hlokoma ngenjabulo ndodakazi yaseJerusalema. Uyabona-ke, iNkosi yakho iza kuwe, ilungile, inqobile, ithobekile, igibele imbongolo, ithole, inkonyane yembongolokazi.


UNkulunkulu wethu unguNkulunkulu okhululayo, ukukhulula ekufeni kungokukaSimakade, iNkosi.


Ngikusondezile ukulunga kwami, akukho kude, insindiso yami ayiyukulibala. Ngiyonika iZiyoni insindiso, nodumo lwami ku-Israyeli.’ ”


UNkulunkulu uyinsindiso yami; ngiyakumethemba, angiyukwesaba, ngokuba uSimakade, Yena ungamandla ami nezikhwepha zami; uyinsindiso yami.”


Intonga yobukhosi ngeke isuke kuJuda, nodondolo lombuso ngeke lugudluzwe phakathi kwezinyawo zakhe, kuze kufike lowo ubukhosi obungobakhe; nezizwe ziyakumlalela.


zaya kuZerubhabhele nasezinhlokweni zemindeni, zathi kubo: “Masinisize nathi ekwakheni, ngokuba sikhonza uNkulunkulu njengani; besilokhu sethula imihlatshelo kuye kusukela ngezinsuku zika-Esari Hadoni, inkosi yase-Asiriya, okunguyena owasiletha lapha.”


Kikizani, nijabule zakhamuzi zaseZiyoni, ngokuba mkhulu oNgcwele ka-Israyeli phakathi kwenu.”


“UNkulunkulu eseyivusile iNceku yakhe wayithumela kini kuqala ukuba anibusise ngokuniphendula, kube yilowo nalowo aphenduke ebubini bakhe.”


ungazigabisi phezu kwamagatsha. Kepha uma uzigabisa, khumbula ukuthi akunguwe othwele impande, kodwa yimpande ethwele wena.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite