Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 4:20 - IsiZulu 2020

20 Okhokho bethu babekhonza uNkulunkulu kule ntaba, kepha nina nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhonzelwe khona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Okhokho bethu babekhulekela kule ntaba; nina-ke nithi iseJerusalema indawo lapho kufanele kukhulekelwe khona.”

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

20 Okhokho bethu babekhonza kule ntaba; lina-ke lithi iseJerusalema indawo lapho abantu okumele bakhonze khona.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Okhokho bethu babekhonza kule ntaba; lina-ke lithi iseJerusalema indawo lapho abantu okumele bakhonze khona.

Gade chapit la Kopi




Johane 4:20
20 Referans Kwoze  

“Yilaba abazoma entabeni iGerizimu, babusise abantu ngesikhathi seniliwelile iJordani: uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare, uJosefa, noBhenjamini.


“Kuyothi lapho uSimakade uNkulunkulu wenu eningenisa ezweni eniya kulo ukulidla, nimemezele isibusiso nisentabeni iGerizimu nesiqalekiso nisentabeni i-Ebhali.


USimakade wabonakala kuSolomoni ebusuku, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngiyikhethile le ndawo ukuba ibe ngeyami, ibe yindlu yomhlatshelo.


Kepha awamemukelanga, ngokuba wayelibangise eJerusalema.


USimakade uqoke iZiyoni, ulithandile ukuba libe yindawo yakhe yokuhlala, wathi:


Kepha yaqoka isizwe sakwaJuda, intaba iZiyoni eyithandayo.


Le ndlu ngiyiqokile ngayingcwelisa ukuba igama lami libe kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba kuyo njalo.


kodwa ngilikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe lapho, ngimkhethile noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami, u-Israyeli.’


UDavide wayesethi: “Le yindlu kaSimakade uNkulunkulu, leli yi-althare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”


UDavide wamakhela lapho uSimakade i-althare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wakhuleka kuSimakade. USimakade esezulwini waphendula ngomlilo e-althare leminikelo wokushiswa.


USimakade wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho nokunxusa onxuse ngakho phambi kwami. Ngiyibusisile le ndlu oyakhileyo ukuba ngibeke igama lami kuyo kuze kube phakade. Amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuhlala kuyo zonke izinsuku.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Izulu liyisihlalo sami sobukhosi, umhlaba uyisenabelo sezinyawo zami; iyiphi leyo ndlu eniyakungakhela yona, iyiphi indawo yami yokuphumula na?


Ngabe Wena umkhulu yini kunokhokho wethu uJakobe owasipha lo mthombo, waphuza kuwo, yena namadodana akhe nemihlambi yakhe na?”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite