Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:32 - IsiZulu 2020

32 Ufakaza ngakubonileyo nakuzwileyo, kodwa akekho owemukela ubufakazi bakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Akubonileyo nakuzwileyo lokho ufakaza ngakho; kepha akakho owamukela ubufakazi bakhe.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Lokho akubonileyo lakuzwayo uyafakaza ngakho; njalo kakho owemukela ubufakazi bakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Lokho akubonileyo lakuzwayo uyafakaza ngakho; njalo kakho owemukela ubufakazi bakhe.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:32
13 Referans Kwoze  

Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo, kodwa anibemukeli ubufakazi bethu.


Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi okwenziwa yinkosi yayo, kodwa nginibize ngabangani ngokuba konke engikuzwile kuBaba, nginazisile khona.


Weza kokwakhe, kodwa abakhe abamemukelanga.


Nginokuningi engingakusho ngani nenginganehlulela ngakho, kodwa ongithumileyo uqinisile, nami lokho engikuzwa kuye, ngikukhuluma ezweni.”


Ngokuba uYise uyayithanda iNdodana, uyikhombisa konke akwenzayo. Uyakuyikhombisa ngisho imisebenzi emikhulu kunale, ukuba nimangale.


Lowo owamukela ubufakazi bakhe, uyaqinisekisa ukuthi uNkulunkulu uqinisile.


Beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owawunaye ngaphesheya kweJordani, owafakaza ngaye useyabhabhadisa, abantu bonke baya kuye.”


Ngubani owakholwa ngesikuzwileyo; ingalo kaSimakade yambulelwa bani na?


Yini eyenza kungabi bikho muntu lapho ngifika na? Kungani kungasabelanga muntu nalapho nginibiza na? Ngabe isandla sami sifinyeziwe yini ukuba singahlengi na? Noma angisenamandla okukhulula na? Ngokukhuza kwami ngiyomisa ulwandle, ngenze imifula ibe yihlane, izinhlanzi zayo zinuke; ngokuba engekho amanzi, ziyofa zibulawa wukoma.


Ngokuba yilowo nalowo ocelayo uyamukeliswa, nofunayo uyafumana, nongqongqothayo uzakuvulelwa.


Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti uyinkosi ngempela na?” UJesu waphendula, wathi: “Usho khona ukuthi ngiyinkosi; ngokuba ngazalelwa lokho, ngafikela lokho emhlabeni, ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite