Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:29 - IsiZulu 2020

29 Lowo onomakoti, ungumyeni; kepha umngani omise umyeni uyathokoza lapho ezwa izwi lomyeni. Ngakho-ke ukuthokoza kwami sekuphelelisiwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Onomlobokazi ungumyeni, kepha umhlobo womyeni omiyo emuzwa uthokoza nokuthokoza ngezwi lomyeni. Le ntokozo yami isiphelele.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

29 Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Lowo onomakoti ungumyeni; kepha umngane womyeni, omiyo emuzwa, uthokoza kakhulu ngezwi lomyeni; ngakho lokhu kujabula kwami kugcwalisekile.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:29
27 Referans Kwoze  

Ngiyakuzithathela wena ube ngumkami kwaphakade, ngizithathele wena ngokulunga, ngobulungiswa, ngomusa nangesihawu.


UJesu wathi kubo: “Ikhetho lingalila yini umyeni esenalo na? Kepha ziyeza izinsuku lapho umyeni eyakususwa kulo; kulapho-ke lizakuzila khona.


“ ‘ “Ngesikhathi ngiphinda ngidlula ngakuwe, ngakubuka; ngabona ukuthi usukhulile, usungathanda. Ngase ngendlala isembatho sami phezu kwakho, ngafihla ubunqunu bakho, yebo, ngafunga kuwe, ngenza nawe isivumelwano,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade, waba ngowami.


Ngokuba uMenzi wakho ungumyeni wakho, nguSimakade Wamabandla, igama lakhe; oNgcwele ka-Israyeli onguMhlengi wakho, obizwa ngokuthi nguNkulunkulu womhlaba wonke.


Kwase kufika enye yezingelosi eziyisikhombisa ezaziphethe izitsha eziyisikhombisa zigcwele izinhlupheko zokugcina eziyisikhombisa, yakhuluma nami, yathi: “Woza, ngikukhombise umlobokazi, umakoti weWundlu.”


gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe namqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, nicabanga into yinye.


Kuze kube manje anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakuphiwa ukuze intokozo yenu igcwale.


Ngakho-ke sesiyanilobela lokhu, ukuze kuphelele intokozo yenu.


Ngokuba nginomona ngani, umona kaNkulunkulu, lokhu nganendisela endodeni eyodwa ukuze nginiyise kuKhristu niyintombi emsulwa.


Esefikile ekhaya ameme abangani nomakhelwane, athi kubo: ‘Thokozani nami, ngokuba ngiyitholile imvu yami ebilahlekile.’


Sengingenile esivandeni sami, dadewethu, makoti wami! Sengiyibuthile imure yami namakha ami, sengiwadlile amakhekheba ami noju lwami, ngaphuza iwayini lami nobisi lwami. Yidlani bangani, niphuze, niphuze neneliseke, zithandwa.


“Khona umbuso wezulu uzakufaniswa nezintombi ezilishumi ezathatha izibani zazo, zaphuma zayohlangabeza umyeni.


“ ‘Usho kanje uSimakade, ngiyakukhumbula umusa wobusha bakho, uthando lwakho njengomakoti, nokuthi wangilandela kanjani ehlane, ezweni okungatshalwanga lutho kulo.


ukuze nincele, naneliswe ngamabele ezinduduzo zalo; ukuze nincele nizidelise ngokwenama ekugcwaleni kwenkazimulo yalo.”


Madodakazi aseZiyoni, phumani nibuke, inkosi uSolomoni ihlobe ngomqhele wayo eyawuqheliswa ngunina mhlazana igcagcelwa, ngosuku lokuthokoza kwenhliziyo yayo.


Kuningi ebenginokunilobela ngakho, kodwa angithandanga ukukuloba ephepheni ngoyinki. Ngiyethemba ukuthi ukuza kwami kini, ngikhulume nani bukhoma, kuyokwenza ukuthokoza kwethu kuphelele.


“Manje sengiza kuwe, ngikhuluma lokhu emhlabeni ukuba babe nokuthokoza kwami, kugcwale kubo.


“Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu oyinkosi, owenzela indodana yakhe umshado.


Kufanele akhule Yena, kodwa mina nginciphe.


“Nginitshelile lokhu ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kuchichime.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite