Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:18 - IsiZulu 2020

18 Okholwa yiyo akehlulelwa, kodwa ongakholwa, usevele wehlulelwe, ngokuba engakholwanga eNdodaneni kaNkulunkulu ezelwe yodwa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Okholwa yiyo akalahlwa, kepha ongakholwayo uselahliwe, ngokuba engakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Okholwa yiyo akalahlwa, kepha ongakholwayo uselahliwe, ngokuba engakholwanga egameni leNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:18
19 Referans Kwoze  

Okholwa yiNdodana kaNkulunkulu unobufakazi ngaphakathi kuye. Ongakholwayo, umenze umqambimanga uNkulunkulu, ngokuba engakholwanga ngubufakazi uNkulunkulu abufakazile ngeNdodana yakhe.


Okholwayo abhabhadiswe uyakusindiswa, kodwa ongakholwayo uyakulahlwa.


Kanjalo akusekho ukulahlwa kwabakuKhristu uJesu.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: olizwayo izwi lami, akholwe ngongithumileyo, unokuphila okuphakade. Akayi ekwehlulelweni, kepha udlulisiwe ekufeni, wangena ekuphileni.


Onayo iNdodana unokuphila; ongenayo iNdodana kaNkulunkulu akanakho ukuphila.


Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade, kodwa ongakholwa yiyo, akayukukubona ukuphila, kepha intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”


Ngakho-ke lokhu sesilungisisiwe ngokukholwa, sinokuthula kuNkulunkulu ngeNkosi yethu uJesu Khristu,


Uthando lukaNkulunkulu walubonakalisa kithi ngokuthi athumele ezweni iNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba siphile ngayo.


Kanti ngubani ozakulahla ngecala na? NguKhristu uJesu owafayo, yebo owavuswa kwabafileyo, ongakwesokunene sikaNkulunkulu, nguYena osinxuselayo.


Kepha lezi zilotshiwe ukuba nikholwe ukuthi uJesu unguKhristu, iNdodana kaNkulunkulu, nokuthi nikholwe, nibe nokuphila egameni lakhe.


“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: okholwayo unokuphila okuphakade.


Ngokuba lokhu kuyintando kaBaba, ukuba yilowo nalowo obona iNdodana, akholwe yiyo, abe nokuphila okuphakade; Mina ngiyakumvusa ngomhla wokuphela.”


Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.


Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo.


Qaphelani ukuba ningamchithi okhulumayo; ngokuba labo abamchithayo lowo owayebaxwayisa emhlabeni, abazange baphunyuke, kakhulu kangakanani-ke thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini ukuba singaphunyuka na?


Kepha bonke abamemukelayo, labo abakholwa egameni lakhe, wabapha igunya lokuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu,


“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade.


Siyabona ukuthi babengeke bangene ngenxa yokungakholwa.


Yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Khristu, sithandane, njengokuba asinika umyalo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite