Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 3:13 - IsiZulu 2020

13 Akekho noyedwa owenyukele ezulwini, ngaphandle kwalowo owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

13 Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Akakho nowenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu esezulwini.

Gade chapit la Kopi




Johane 3:13
24 Referans Kwoze  

Ngubani owenyukele ezulwini, wabuye wehla na? Ngubani oqoqele umoya ezandleni zakhe na? Ngubani osonge amanzi ngengubo yakhe na? Ngubani omise yonke imikhawulo yomhlaba na? Ngubani igama lakhe, ngubani igama lendodana yakhe; ukhona yini olaziyo na?


Ngokuba ngehle ezulwini, hhayi ukuzokwenza intando yami, kodwa intando yalowo ongithumileyo.


Ngokuba uDavide akenyukelanga ezulwini, kodwa yena uthi: “INkosi yathi eNkosini yami: ‘Hlala ngakwesokunene sami,


Akekho osewake wabona uNkulunkulu; nguNkulunkulu, iNdodana ezelwe yodwa, esesifubeni sikaYise embonakalisile.


Umuntu wokuqala wavela emhlabeni, enziwe ngomhlabathi; umuntu wesibili uvela ezulwini.


UJesu wayekwazi ukuthi uYise unikele konke ezandleni zakhe, nokuthi Yena wavela kuNkulunkulu, futhi ubuyela kuye.


Kepha ukulunga okuvela ngokukholwa kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho uthi: ‘Ngubani ozakwenyukela ezulwini na?’ okungukuthi ukwehlisa uKhristu,


Pho-ke niyakuthini lapho nibona iNdodana yomuntu yenyukela lapho yavela khona na?


“Lowo ovela phezulu, uphezu kwakho konke; kanti ovela emhlabeni, ungowomhlaba, ukhuluma okomhlaba. Lowo ovela ezulwini, uphezu kwakho konke.


Lokho akusho ukuthi ukhona oseke wambona uBaba, ngaphandle kwalowo ovela kuNkulunkulu, nguYena ombonileyo uBaba.


Bathi: “Lo muntu akusiye uJesu, indodana kaJosefa, uyise nonina esibaziyo na? Pho kungani manje, ethi: ‘Ngehle ezulwini,’ na?”


Awukho ezulwini ukuba ungathi: ‘Ngubani oyakukhuphuka ngenxa yethu aye ezulwini, asilandele wona, ukuze siwuzwe, siwenze, na?’


Manje-ke ngikhazimulise Wena Baba, kanye nawe uqobo, ngenkazimulo ebenginayo ngikuwe, umhlaba ungakabi bikho.


UJesu wathi kubo: “Uma uNkulunkulu ubenguYihlo, beniyakungithanda Mina, ngokuba ngivela kuNkulunkulu. Angizizelanga ngokwami, kodwa nguye ongithumileyo.


Mina ngiyisinkwa sokuphila esehla ezulwini. Uma umuntu edla lesi sinkwa, uyakuphila ingunaphakade. Phezu kwalokho, isinkwa engisinikelayo ngenxa yokuphila kwezwe, singumzimba wami.”


Ngokuba isinkwa sikaNkulunkulu siyilowo owehla evela ezulwini, oliphayo izwe ukuphila.”


Ziqapheleni nina nawo wonke umhlambi uMoya oNgcwele anibeke kuwo ukuba nibe ngabaphathi abelusa ibandla likaNkulunkulu azithengela lona ngegazi lakhe.


Nibafundise ukukugcina konke enginiyale ngakho. Niyabona, Mina nginani izinsuku zonke, kuze kube sekupheleni kwezwe.”


lona elingumzimba wakhe, ukuphelela kwakhe okuphelelisa konke, kubo bonke.


UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Uma nginitshelile ngokomhlaba, kanakholwa; pho ningakholwa kanjani uma nginitshela ngokwasezulwini na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite