Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




Johane 21:25 - IsiZulu 2020

25 Kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenza; ukuba bezingalotshwa ngayinye, ngithi nomhlaba wonke ungebe nandawo eyanele yokugcina lezo zincwadi ezingase zilotshwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Kukhona nezinye izinto eziningi azenza uJesu; uma zilotshiwe zona ngazinye, ngithi nezwe lonke lingezanele izincwadi ezingalotshwa.

Gade chapit la Kopi

Baasraak Zulu New Testament Bible

25 Kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenzayo, okuthi, uma bezilotshwa zonke ngazinye, ngithi nomhlaba ngokwawo ubungekwazi ukuthwala izincwadi ebezingalotshwa. Amen.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenzayo, okuthi, uma bezilotshwa zonke ngazinye, ngithi nomhlaba ngokwawo ubungekwazi ukuthwala izincwadi ebezingalotshwa. Amen.

Gade chapit la Kopi




Johane 21:25
12 Referans Kwoze  

Simakade Nkulunkulu wami, ziningi izimangaliso zakho ozenzileyo, nezizindlo zakho ngathi; akukho okungafaniswa nawe, uma ngiyilanda, ngiyisho, miningi kunokuba ibalwe.


Umlomo wami uzolanda ngokulunga kwakho nensindiso yakho usuku lonke, ngokuba anginakukubala.


Bheka, lokho kuyisiphetho sezindlela zakhe, izwi elinyenyezayo esilizwayo ngaye, kodwa ukuduma kwamandla akhe ngubani ongakuqonda na?”


Ngingabuye ngithini ngokukholwa na? Ngingaphelelwa yisikhathi uma ngingaqhubeka ngilande ngoGideyoni, uBharaki, uSamsoni, uJeftha; ngoDavide noSamuweli nangabaphrofethi,


Lelo lizwi lalithi: uNkulunkulu wamgcoba uJesu waseNazaretha ngoMoya oNgcwele nangamadla, owahamba enza okuhle, ephilisa bonke ababephansi kwamandla kaSathane, ngokuba uNkulunkulu wayenaye.


Kukho konke lokhu, nganikhombisa ukuthi kumele ukuba nisebenze kanzima, nibasize ababuthakathaka, niwakhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuthi Yona yathi: ‘Kubusesikile kakhulu ukupha kunokwemukela.’ ”


Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, nabampofu bashunyayezwa ivangeli.


Ngaphezu kwalokhu, ndodana yami, xwaya; ukwenza izincwadi eziningi akupheli, nokufunda kakhulu kuyawutuba umzimba.


U-Amaziya umphristi waseBhethele wathumela kuJerobhowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwakhele uzungu kubantu bakwa-Israyeli; izwe alinakumelana nawo wonke amazwi akhe.


Futhi ngithi kini: kulula ukuba ikameli lingene ngembobo yosungulo kunokuba isicebi singene embusweni kaNkulunkulu.”


Labo ababezibonele ngawabo, babalandisa ukuthi kwenzekeni kulowo muntu owayenamadimoni, nokwenzeka ezingulubeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite